Verse 1: Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva, uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula, yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.
Verse 2: Ngokuba amatherafi akhulumile okuyize, nababhuli babone okungamanga; bakhuluma amaphupho angelutho, baduduza ngeze; ngalokho bayasuka njengezimvu, bathotshisiwe, ngokuba kungekho umalusi.
Verse 3: “Intukuthelo yami ivuthele abelusi; ngiyakujezisa izimpongo, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.
Verse 4: Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi, kuyena isikhonkwane, kuyena umnsalo wempi, kuyena bonke ababusi kanyekanye.
Verse 5: Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.
Verse 6: “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda, ngisindise indlu yakwaJosefa, ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo, babe kungathi angizange ngibalahle, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo; ngiyakubezwa.
Verse 7: U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.
Verse 8: Ngiyakubahlabela ikhwelo, ngibabuthe, ngokuba ngibahlengile; bayakwanda njengalokho kade banda.
Verse 9: Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu, bayakungikhumbula ezindaweni ezikude, baphile kanye nabantwana babo, babuye.
Verse 10: Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe, ngibabuthe e-Asiriya, ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni, abayikutholelwa indawo.
Verse 11: Bayakudabula elwandle lokuhlupheka, kushaywe amaza olwandle, nezintwa zonke zeNayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya, isuke intonga yaseGibithe.
Verse 12: Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.