Verse 1: Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,
Verse 2: kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.
Verse 3: ITire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
Verse 4: Bheka, iNkosi iyakulaphuca, iphonse imfuyo yalo elwandle, lona lidliwe ngumlilo.
Verse 5: I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe, neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu, kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.
Verse 6: E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
Verse 7: Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo, nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.
Verse 8: Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami, ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo, ngokuba sengibonile ngawami amehlo.
Verse 9: Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
Verse 10: Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.
Verse 11: Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho, ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.
Verse 12: Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.
Verse 13: Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo, ngibeka u-Efrayimi kuwo, ngivusela amadodana akho, Siyoni, kumadodana akho, Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.
Verse 14: UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.
Verse 15: UJehova Sebawoti uyakubavikela, badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.
Verse 16: UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo suku njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.
Verse 17: Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.