Zechariah - Chapter 14

Verse 1: Bheka, luyeza usuku lukaJehova, lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.

Verse 2: Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.

Verse 3: UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.

Verse 4: Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolo suku eNtabeni Yeminqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kube yisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.

Verse 5: Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e-Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika-Uziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.

Verse 6: Kuyakuthi ngalolo suku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela.

Verse 7: Kuyakuba lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi yimini, kungabi ngubusuku, kepha kube ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.

Verse 8: Kuyakuthi ngalolo suku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube sehlobo nasebusika.

Verse 9: UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama lakhe libe linye.

Verse 10: Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.

Verse 11: Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusabakho siqalekiso, kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.

Verse 12: Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.

Verse 13: Kuyakuthi ngalolo suku kube phakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe.

Verse 14: NoJuda uyakulwa eJerusalema, kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube kuningi kakhulu.

Verse 15: Kuyakuba njalo ukushaywa kwamahhashi, neminyuzi, namakamela nezimbongolo, nazo zonke izilwane, okuyakuba khona kulawo makamu, njengalokho kushaywa.

Verse 16: Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.

Verse 17: Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba, baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova Sebawoti, phezu kwabo kungabi yimvula.

Verse 18: Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike, ayiyikuba naphezu kwawo; kepha kuyakuba khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.

Verse 19: Lokhu kuyakuba yisijeziso seGibithe nesijeziso sazo zonke izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.

Verse 20: Ngalolo suku kuyakulotshwa ezikhencezweni zamahhashi ukuthi: “Zahlukaniselwe uJehova,” amakhanzi asendlini kaJehova abe njengemikhele phambi kwe-altare.

Verse 21: Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika, bathathe kuwo, bapheke kuwo, kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories