Verse 1: Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:
Verse 2: “Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema.
Verse 3: Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.
Verse 4: Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.
Verse 5: Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.’
Verse 6: “Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.
Verse 7: “UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.
Verse 8: Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.
Verse 9: Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.
Verse 10: “Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.
Verse 11: Ngalolo suku kuyakuba khona ukulila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi Rimoni esigodini saseMegidoni.
Verse 12: Izwe liyakulila imindeni ngemindeni ngokwayo: umndeni wendlu yakwaDavide ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni wendlu yakwaNathani ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo;
Verse 13: umndeni wendlu yakwaLevi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni kaShimeyi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo,
Verse 14: nayo yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni ngokwayo nabesifazane bayo ngokwabo.