Verse 1: Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.
Verse 2: IBethele lalithume oSareseri noRegemi Meleki namadoda abo ukunxusa kuJehova
Verse 3: nokukhuluma kubapristi abasendlini kaJehova Sebawoti nakubaprofethi ngokuthi: “Ngikhale ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengalokho ngenzile le minyaka eminingi, na?”
Verse 4: Lase lifika izwi likaJehova Sebawoti kimi, lathi:
Verse 5: “Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: ‘Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?
Verse 6: Lapho nidlayo nalapho niphuzayo, anizidleli, niziphuzela nina, na?
Verse 7: Akusiwo lawa mazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?’ ”
Verse 8: Izwi likaJehova lafika kuZakariya, lathi:
Verse 9: “Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: ‘Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,
Verse 10: ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’
Verse 11: “Kepha bala ukulalela, baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.
Verse 12: Benza izinhliziyo zabo zaba yidayimani, funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.
Verse 13: “ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina.
Verse 14: Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”