Verse 1: Wayeseqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “Umuntu watshala isivini, wasibiyela ngothango, wemba isikhamo, wakha isiqongo sokulinda, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe.
Verse 2: Ngenkathi efaneleyo wayesethuma inceku kubalimi ukuba ithathe kubalimi ezithelweni zesivini.
Verse 3: Bayibamba, bayishaya, bayimukisa ze.
Verse 4: Waphinda wathuma kubo enye inceku; yona bayilimaza ekhanda, bayithuka.
Verse 5: Wathuma enye futhi; yona bayibulala, nezinye eziningi: ezinye bazishaya, ezinye bazibulala.
Verse 6: “Kwase kusele umuntu munye, indodana ethandekayo; yona wayithuma kubo ekugcineni, ethi: ‘Bayakuyazisa indodana yami.’
Verse 7: “Kepha labo balimi bakhuluma bodwa, bathi: ‘Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ifa libe ngelethu.’
Verse 8: Base beyibamba bayibulala, bayiphonsa ngaphandle kwesivini.
Verse 9: “Uzakwenzani umninisivini na? Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.
Verse 10: Aniwufundanga yini lo mbhalo othi: “ ‘Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi;
Verse 11: lona lavela eNkosini; liyisimangaliso emehlweni ethu,’ na?”
Verse 12: Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.
Verse 13: Khona abanye babaFarisi nabakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi.
Verse 14: Beza bathi kuye: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu, kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso. Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha? Sithele nokuba singatheli na?”
Verse 15: Kepha yena ekwazi ukuzenzisa kwabo wathi kubo: “Ningilingelani na? Lethani kimi udenariyu, ngimbone.”
Verse 16: Bamletha. Wayesethi kubo: “Ngokabani lo mfanekiso nalo mbhalo na?” Bathi kuye: “NgokaKesari.”
Verse 17: UJesu wathi kubo: “Nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye.
Verse 18: Khona kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi:
Verse 19: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu, eshiya umkakhe engashiyi mntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
Verse 20: Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa, owokuqala wathatha umfazi; wafa engashiyanga nzalo.
Verse 21: Nowesibili wamthatha; naye wafa engashiyanga nzalo; kanjalo nowesithathu.
Verse 22: Abayisikhombisa kabashiyanga nzalo. Ekugcineni kwabo bonke kwafa nomfazi.
Verse 23: Ekuvukeni mhla bevukayo uyakuba ngumkabani kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo, na?”
Verse 24: UJesu wathi kubo: “Angithi nidukile ngenxa yokuba ningayazi imibhalo namandla kaNkulunkulu na?
Verse 25: Ngokuba mhla bevuka kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.
Verse 26: Kepha maqondana nabafileyo ukuthi bayavuswa anifundanga yini encwadini kaMose ngesihlahla ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuye, wathi: ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na?
Verse 27: Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo. Nidukile kakhulu.”
Verse 28: Kwase kusondela omunye wababhali owayebezwile bebuzana, eqonda ukuthi wayebaphendule kahle, wambuza wathi: “Ngumuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?”
Verse 29: UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye.
Verse 30: Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’
Verse 31: Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”
Verse 32: Umbhali wayesethi kuye: “Yebo, Mfundisi, ushilo ngeqiniso ukuthi yinye, ayikho enye ngaphandle kwayo;
Verse 33: futhi ukuyithanda yona ngenhliziyo yonke, nangengqondo yonke, nangamandla onke, nokuthanda umakhelwane njengalokhu umuntu ezithanda yena kudlula yonke iminikelo yokushiswa nemihlatshelo.”
Verse 34: UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akwabe kusabakho onesibindi sokumbuza.
Verse 35: Khona uJesu efundisa ethempelini wabuza wathi: “Basho kanjani ababhali ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na?
Verse 36: UDavide uqobo lwakhe washo ngoMoya oNgcwele ukuthi: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho.” ’
Verse 37: “UDavide uqobo lwakhe umbiza ngokuthi iNkosi. Pho, uyindodana yakhe kanjani na?” Isixuku esikhulu sasimuzwa ngokujabula.
Verse 38: Ekufundiseni kwakhe wathi: “Xwayani ababhali abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini,
Verse 39: nezihlalo eziphambili emasinagogeni, nezindawo ezingenhla ekudleni,
Verse 40: abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”
Verse 41: Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo, wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.
Verse 42: Kwase kufika umfelokazi ompofu wabeka amafadingi amabili okuyisitebela.
Verse 43: Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni,
Verse 44: ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.”