Mark - Chapter 5

Verse 1: Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa.

Verse 2: Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.

Verse 3: Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga;

Verse 4: ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.

Verse 5: Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.

Verse 6: Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye;

Verse 7: wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”

Verse 8: Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”

Verse 9: Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?” Wathi kuye: “NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.”

Verse 10: Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.

Verse 11: Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.

Verse 12: Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.”

Verse 13: Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.

Verse 14: Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo.

Verse 15: Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona; base besaba.

Verse 16: Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube.

Verse 17: Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.

Verse 18: Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye.

Verse 19: Akamvumelanga, kepha wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”

Verse 20: Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke.

Verse 21: Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.

Verse 22: Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe,

Verse 23: wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”

Verse 24: Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.

Verse 25: Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili,

Verse 26: ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka,

Verse 27: esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,

Verse 28: ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”

Verse 29: Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

Verse 30: Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”

Verse 31: Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ”

Verse 32: Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho.

Verse 33: Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.

Verse 34: Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”

Verse 35: Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”

Verse 36: Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

Verse 37: Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.

Verse 38: Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge, wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu.

Verse 39: Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”

Verse 40: Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana.

Verse 41: Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”

Verse 42: Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.

Verse 43: Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories