Verse 1: Khona wabuye wangena esinagogeni. Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo.
Verse 2: Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala.
Verse 3: Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.”
Verse 4: Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula.
Verse 5: Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.
Verse 6: AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.
Verse 7: UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya,
Verse 8: naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.
Verse 9: Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli,
Verse 10: ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe.
Verse 11: Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”
Verse 12: Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.
Verse 13: Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye.
Verse 14: Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela,
Verse 15: babe namandla okukhipha amademoni.
Verse 16: Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru,
Verse 17: noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma;
Verse 18: no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani,
Verse 19: noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
Verse 20: Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.
Verse 21: Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.
Verse 22: Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”
Verse 23: Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na?
Verse 24: Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme.
Verse 25: Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma.
Verse 26: NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela.
Verse 27: Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso.
Verse 28: Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho,
Verse 29: kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.”
Verse 30: Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo.
Verse 31: Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza.
Verse 32: Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.”
Verse 33: Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?”
Verse 34: Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu.
Verse 35: Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”