Mark - Chapter 13

Verse 1: Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!”

Verse 2: UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”

Verse 3: Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa,

Verse 4: bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?”

Verse 5: Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu.

Verse 6: Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi.

Verse 7: Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.

Verse 8: Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo.

Verse 9: “Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni; niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.

Verse 10: Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke.

Verse 11: Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele.

Verse 12: “Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.

Verse 13: Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.

Verse 14: “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona — ofundayo makaqaphele — khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni,

Verse 15: ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe,

Verse 16: osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe.

Verse 17: Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!

Verse 18: Khulekani ukuba kungabi sebusika.

Verse 19: Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona.

Verse 20: Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku.

Verse 21: Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa.

Verse 22: Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka.

Verse 23: Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.

Verse 24: “Kodwa ngalezo zinsuku emva kwalolo sizi ilanga liyakufiphazwa, nenyanga ayiyikukhanya,

Verse 25: nezinkanyezi ziyakuwa ezulwini, namandla asezulwini ayakuzanyazanyiswa.

Verse 26: Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo.

Verse 27: Lapho iyakuthuma izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emimoyeni yomine, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.

Verse 28: “Fundani umfanekiso emkhiwaneni; nxa igatsha lawo selithamba, lihlume amaqabunga, niyazi ukuthi ihlobo seliseduze.

Verse 29: Kanjalo nani, nxa nibona lokhu kwenzeka, yazini ukuthi iseduze ngasemnyango.

Verse 30: Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke lokhu.

Verse 31: Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awayikudlula.

Verse 32: “Kepha lolo suku nalelo hora akakho owazi lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.

Verse 33: Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba nini.

Verse 34: Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindisango ukuba alinde.

Verse 35: “Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkuku, noma ekuseni,

Verse 36: funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele.

Verse 37: Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: ‘Lindani.’ ”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories