Verse 1: wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela.
Verse 2: Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni. Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na?
Verse 3: Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye.
Verse 4: Wayesethi kubo uJesu: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.”
Verse 5: Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa.
Verse 6: Wamangala ngokungakholwa kwabo. Wahamba imizi ngemizi efundisa.
Verse 7: Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo.
Verse 8: Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni,
Verse 9: kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili.
Verse 10: Wathi kubo: “Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona.
Verse 11: Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”
Verse 12: Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke.
Verse 13: Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.
Verse 14: Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.
Verse 15: Kodwa abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi.”
Verse 16: Kepha uHerode ekuzwile wathi: “UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.”
Verse 17: Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye.
Verse 18: Ngokuba uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukuthatha umkamfowenu.”
Verse 19: Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla,
Verse 20: ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.
Verse 21: Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile,
Verse 22: kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: “Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.”
Verse 23: Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.”
Verse 24: Yayisiphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?” Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
Verse 25: Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”
Verse 26: Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela.
Verse 27: Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni.
Verse 28: Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe, layinika intombazana, intombazana yamnika unina.
Verse 29: Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.
Verse 30: Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile.
Verse 31: Wayesethi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.
Verse 32: Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa.
Verse 33: Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela.
Verse 34: Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.
Verse 35: Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile;
Verse 36: bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”
Verse 37: Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”
Verse 38: Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.” Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”
Verse 39: Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.
Verse 40: Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu.
Verse 41: Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.
Verse 42: Badla bonke, basutha.
Verse 43: Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi.
Verse 44: Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu.
Verse 45: Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku.
Verse 46: Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.
Verse 47: Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini.
Verse 48: Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo.
Verse 49: Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala.
Verse 50: Ngokuba bonke bambona, bethuka. Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.”
Verse 51: Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo.
Verse 52: Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.
Verse 53: Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini.
Verse 54: Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane.
Verse 55: Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona.
Verse 56: Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.