Verse 1: Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.
Verse 2: Abanye abantwana bakwaManase babelwa nabo ngemindeni yabo: abantwana bakwa-Abiyezeri, nabantwana bakwaHeleki, nabantwana bakwa-Asiriyeli, nabantwana bakwaShekemi, nabantwana bakwaHeferi, nabantwana bakwaShemida; labo babe ngabantwana besilisa bakwaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.
Verse 3: Kepha uSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase wayengenamadodana, enamadodakazi odwa; lawa angamagama amadodakazi: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa.
Verse 4: Asondela phambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni, naphambi kwezikhulu, athi: “UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu.” Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.
Verse 5: UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,
Verse 6: ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.
Verse 7: Umkhawulo kaManase wasuka kwa-Asheri, waya eMikemetha elingaphambi kweShekemi; umkhawulo wawusuya ngakwesokunene kwabakhileyo e-Eni Taphuwa.
Verse 8: Izwe laseTaphuwa lalingelikaManase, kepha iTaphuwa elisemkhawulweni kaManase lalingelabantwana bakwa-Efrayimi.
Verse 9: Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;
Verse 10: okwaseningizimu kwakungokuka-Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga.
Verse 11: Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.
Verse 12: Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe.
Verse 13: Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.
Verse 14: Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela, kube yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?”
Verse 15: UJoshuwa wathi kubo: “Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwa-Efrayimi ziminyene kuwe.”
Verse 16: Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”
Verse 17: UJoshuwa wayesekhuluma kuyo indlu kaJosefa, naku-Efrayimi, nakuManase, ethi: “Uyisizwe esikhulu, unamandla amakhulu; awuyikuba nasabelo esisodwa nje;
Verse 18: kepha izintaba ziyakuba ngezakho; noma ziyihlathi, woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho, ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.”