Verse 1: UJoshuwa wababiza abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase,
Verse 2: wathi kubo: “Nigcinile konke uMose inceku kaJehova aniyala ngakho, nalalela izwi lami kukho konke enganiyala ngakho;
Verse 3: anishiyanga abafowenu lezi zinsuku eziningi kuze kube namuhla, kepha nigcinile imfanelo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu.
Verse 4: Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo; ngalokho buyani, niye ematendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani.
Verse 5: Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe kuzo zonke izindlela zakhe, nigcine imiyalo yakhe, ninamathele kuye, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.”
Verse 6: UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo.
Verse 7: Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani, kepha inxenye uJoshuwa wayinika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga. Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi:
Verse 8: “Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi: izinkomo eziningi kakhulu, nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.”
Verse 9: Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;
Verse 10: sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i-altare ngaseJordani, liyi-altare elikhulu ukubonakala kwalo.
Verse 11: Abantwana bakwa-Israyeli bezwa kuthiwa: “Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i-altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.”
Verse 12: Abantwana bakwa-Israyeli sebezwile lokho, yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana ngaseShilo ukuba ikhuphuke ilwe nabo.
Verse 13: Abantwana bakwa-Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi,
Verse 14: nezikhulu eziyishumi kanye naye, isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa-Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.
Verse 15: Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:
Verse 16: “Isho kanje yonke inhlangano kaJehova, ithi: ‘Isiphambeko sini enisenzile kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokuzakhela i-altare, nihlubuke namuhla uJehova.
Verse 17: Ububi basePeyori buncane yini kithi esingakazihlambululi kubo kuze kube namuhla, noma inhlangano kaJehova yehlelwa yisifo,
Verse 18: ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova na? Kuzakuthi uma nihlubuka namuhla uJehova, athukuthelele yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa.
Verse 19: Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile, welani, niye ezweni lefa likaJehova, lapho lihlala khona itabernakele likaJehova, nibe nefa phakathi kwethu; kepha ningahlubuki uJehova, ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i-altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.
Verse 20: U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.’ ”
Verse 21: Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula, bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli, bathi:
Verse 22: “UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova, ungasisindisi namuhla
Verse 23: ngokuthi sizakhele i-altare, sabuya ekumlandeleni uJehova; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize.
Verse 24: “Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi: ‘Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na?
Verse 25: UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani, nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi; aninasabelo kuJehova;’ abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova.
Verse 26: “Sase sithi-ke: ‘Masenze silakhe i-altare, lingabi ngelomnikelo wokushiswa nelomhlatshelo,’
Verse 27: kepha libe ngufakazi phakathi kwethu nani naphakathi kwezizukulwane zethu emva kwethu, ukuze senze inkonzo kaJehova phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa, nangemihlatshelo yethu, nangeminikelo yethu yokuthula, ukuba abantwana benu bangasho kubantwana bethu ngesikhathi esizayo ukuthi: ‘Aninasabelo kuJehova.’
Verse 28: “Sathi-ke: ‘Kuyakuthi lapho besho kanjalo kithi nakuzo izizukulwane zethu ngesikhathi esizayo, sisho ukuthi: “Bhekani isifanekiso se-altare likaJehova abalenzayo obaba, lingabi ngeleminikelo yokushiswa nelemihlatshelo; lingufakazi phakathi kwethu nani.” ’
Verse 29: “Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova, sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i-altare leminikelo yokushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe.”
Verse 30: Kuthe uFinehasi umpristi, nezikhulu zenhlangano, izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amazwi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi, nangabantwana bakwaManase, kwaba kuhle emehlweni abo.
Verse 31: UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase: “Namuhla siyazi ukuthi uJehova uphakathi kwethu, ngokuba anenzanga lesi siphambeko kuJehova; manje senophulile abantwana bakwa-Israyeli esandleni sikaJehova.”
Verse 32: UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi nezikhulu babuya kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi ezweni lakwaGileyadi, bebuyela ezweni laseKhanani kubantwana bakwa-Israyeli, bababuyisela izwi.
Verse 33: Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu, ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.
Verse 34: Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi balibiza i-altare ngokuthi: “Lingufakazi phakathi kwethu wokuthi uJehova unguNkulunkulu.”