Verse 1: UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
Verse 2: “Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Zimiseleni imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMose
Verse 3: ukuba umbulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe yisiphephelo kumphindiseli wegazi.
Verse 4: “ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.
Verse 5: Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi.
Verse 6: Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.’ ”
Verse 7: Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.
Verse 8: Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase.
Verse 9: Leyo yayiyimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngesiphosiso abalekele khona, angafi ngesandla somphindiseli wegazi, aze eme phambi kwenhlangano.