Verse 1: UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.
Verse 2: Inkosi yaseJeriko yatshelwa; kwathiwa: “Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.”
Verse 3: Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”
Verse 4: Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi;
Verse 5: kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama, amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.”
Verse 6: Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi abezihlelile ophahleni.
Verse 7: Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango.
Verse 8: Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni;
Verse 9: wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.
Verse 10: Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo.
Verse 11: Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.
Verse 12: Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo,
Verse 13: nisindise ubaba, nomame, nabafowethu, nawodadewethu, nabo bonke abanabo, nophule imiphefumulo yethu ekufeni.”
Verse 14: Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.”
Verse 15: Wayesewehlisa ngentambo ngasefasiteleni, ngokuba indlu yakhe yayingasogangeni lomuzi, wahlala ngasogangeni.
Verse 16: Wathi kuwo: “Khuphukelani entabeni, funa abanixoshayo banifice, nicashe khona izinsuku ezintathu, ukuze abanixoshayo babuye, andukuba nihambe indlela yenu.”
Verse 17: Ayesethi amadoda kuye: “Thina asinacala ngaleso sifungo sakho osifungise sona,
Verse 18: uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.
Verse 19: Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye.
Verse 20: Kepha uma uveza obala le ndaba yethu, asiyikuba nacala ngesifungo sakho osifungise sona.”
Verse 21: Wathi: “Makube njengamazwi enu.” Wayesewamukisa ahamba; wabopha intambo ebomvu efasiteleni.
Verse 22: Asuka aya entabeni, ahlala khona izinsuku ezintathu, baze babuya abawaxoshayo; abaxoshayo babewafuna indlela yonke, abaze bawafumana.
Verse 23: Ayesebuya lawo madoda omabili, ehla entabeni, awela, afika kuJoshuwa indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo.
Verse 24: Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”