Verse 1: IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.
Verse 2: UJehova wathi kuJoshuwa: “Bheka, nginikele esandleni sakho iJeriko, nenkosi yalo, namaqhawe anamandla.
Verse 3: Niyakuhaqa umuzi, onke amadoda empi, niwuzungeze umuzi kanye. Uyakwenze njalo izinsuku eziyisithupha.
Verse 4: Abapristi abayisikhombisa bayakuthwala amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi komphongolo; ngosuku lwesikhombisa niyakuwuzungeza umuzi kasikhombisa, abapristi babethe amacilongo.
Verse 5: Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”
Verse 6: UJoshuwa indodana kaNuni wabiza abapristi, wathi kubo: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, abapristi abayisikhombisa bathwale amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi komphongolo kaJehova.”
Verse 7: Kubantu wathi: “Dlulani, niwuzungeze umuzi, abahlomileyo badlule phambi komphongolo kaJehova.”
Verse 8: Kwathi lapho uJoshuwa esekhulumile kubantu, abapristi abayisikhombisa bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi kukaJehova badlula, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela.
Verse 9: Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba.
Verse 10: UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.”
Verse 11: Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzungeze umuzi, wawuhaqa kanye; base befika ekamu, balala ubusuku ekamu.
Verse 12: UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.
Verse 13: Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.
Verse 14: Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu; benze njalo izinsuku eziyisithupha.
Verse 15: Kwathi ngosuku lwesikhombisa bavuka ukuntwela kokusa, bawuzungeza umuzi ngandlelanye kasikhombisa; ngalolo suku kuphela bawuzungeza umuzi kasikhombisa.
Verse 16: Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.
Verse 17: Umuzi uyakwahlukaniselwa uJehova, wona nakho konke okukuwo; uRahabi isifebe kuphela uyakusinda, yena nabo bonke abakuye endlini, ngokuba wazithukusa izithunywa esazithumayo.
Verse 18: Kodwa zigcineni nina kukho okuqalekisiweyo, funa lapho senikuqalekisile nithathe kukho okuqalekisiweyo, nilenze ikamu libe ngeliqalekisiweyo, nilihluphe.
Verse 19: Kepha lonke isiliva, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi kungcwele kuJehova; kuyakungena endlini yengcebo kaJehova.”
Verse 20: Abantu base bekhamuluka, amacilongo abethwa; kwathi lapho abantu bezwe ukukhala kwecilongo, abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo, abantu benyukela emzini, yilowo nalowo waqonda phambili nje, bawuthatha umuzi.
Verse 21: Baqalekisa konke okusemzini, isilisa nesifazane, abasha nabadala, nezinkabi, nezimvu, nezimbongolo, ngosiko lwenkemba.
Verse 22: UJoshuwa wathi kulawo madoda amabili ayelihlolile izwe: “Ngenani endlini yesifebe, nikhiphe kuyo owesifazane nabo bonke anabo, njengalokho namfungela.”
Verse 23: Izinsizwa ezaziyizinhloli zangena, zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo, zakhipha bonke abomuzi wakhe, zababeka ngaphandle kwekamu lakwa-Israyeli.
Verse 24: Bawushisa umuzi ngomlilo, nakho konke okukuwo; isiliva kuphela, negolide, nezitsha zethusi nezensimbi bakufaka endlini yengcebo endlini kaJehova.
Verse 25: Kepha uRahabi isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke anabo, uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla, lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.
Verse 26: UJoshuwa wabafungisa ngaleso sikhathi, wathi: “Makaqalekiswe phambi kukaJehova umuntu osuka akhe lo muzi waseJeriko; uyakubeka isisekelo sawo ngokulahlekelwa yizibulo lakhe, amise amasango awo ngokulahlekelwa ngomncinyane wakhe.”
Verse 27: UJehova wayenaye uJoshuwa; udumo lwakhe lwalukhona ezweni lonke.