Verse 1: “Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: ‘Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.
Verse 2: Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.’
Verse 3: “Ngase ngenza-ke umphongolo womuthi womtholo, ngabaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngakhuphukela entabeni nginezibhebhe zombili esandleni sami.
Verse 4: Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona.
Verse 5: Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, ngazifaka izibhebhe emphongolweni engiwenzile; zikhona lapho, njengalokho uJehova ebengiyala.”
Verse 6: Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti Bene Jahakani, bafika eMosera; u-Aroni wafela khona, wembelwa khona; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe.
Verse 7: Basuka lapho, baya eGudigoda; basuka eGudigoda baya eJothabata, izwe lemifudlana yamanzi.
Verse 8: Ngaleso sikhathi uJehova wahlukanisa isizwe sakwaLevi ukuba sithwale umphongolo wesivumelwano sikaJehova, sime phambi kukaJehova ukumkhonza nokubusisa egameni lakhe, kuze kube namuhla.
Verse 9: Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.
Verse 10: “Ngahlala entabeni njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; uJehova wangilalela nangaleso sikhathi, akanibhubhisanga.
Verse 11: UJehova wayesethi kimi: ‘Vuka uhambe phambi kwabantu; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.’
Verse 12: “Manje-ke, Israyeli, uJehova uNkulunkulu wakho ufunani kuwe ngaphandle kokuba umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe zonke, umthande, umkhonze uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho,
Verse 13: ugcine imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engakuyala ngakho ngalolo suku ukuba kube kuhle kuwe, na?
Verse 14: “Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.
Verse 15: Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.
Verse 16: Ngalokho sokani ijwabu lezinhliziyo zenu, ningabe nisaba ntamo ilukhuni.
Verse 17: Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.
Verse 18: Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.
Verse 19: Thandani-ke umfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
Verse 20: Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.
Verse 21: Uludumo lwakho, unguNkulunkulu wakho okwenzele lezi zinto ezinkulu nezesabekayo azibonileyo amehlo akho.
Verse 22: Oyihlo behla, baya eGibithe bengabantu abangamashumi ayisikhombisa; manje uJehova uNkulunkulu wakho ukwenzile ube ngangezinkanyezi zezulu ngobuningi.