Deuteronomy - Chapter 11

Verse 1: “Ngalokho wothanda uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imfanelo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.

Verse 2: Yazini namuhla ngokuba angikhulumi kubantwana benu abangazanga nabangabonanga ukulaya kukaJehova uNkulunkulu wenu ubukhulu bakhe, nesandla sakhe esinamandla, nengalo yakhe eyeluliweyo,

Verse 3: nezibonakaliso zakhe, nezenzo zakhe owazenza phakathi kweGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe nakulo lonke izwe lakhe,

Verse 4: nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe, nakuwo amahhashi abo, nakuzo izinqola zabo, nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo, nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,

Verse 5: nowakwenzayo kuwe ehlane naze nafika kule ndawo,

Verse 6: nowakwenzayo kuDathani naku-Abiramu amadodana ka-Eliyabe kaRubeni ukuthi umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nabendlu yabo, namatende abo, nayo yonke imfuyo eyabalandelayo phakathi kwabo bonke abakwa-Israyeli.

Verse 7: Ngokuba amehlo enu abonile zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzileyo.

Verse 8: “Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

Verse 9: nokuba nandise izinsuku zenu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona nenzalo yabo, izwe elivame ubisi nezinyosi.

Verse 10: Ngokuba izwe ongena kulo ukulidla alinjengezwe laseGibithe enaphuma kulo, lapho wahlwanyela khona imbewu yakho, wayinisela ngonyawo lwakho njengesivande semifino,

Verse 11: kepha izwe eniya kulo ukulidla liyizwe lezintaba nelezigodi, liphuza amanzi emvula yezulu,

Verse 12: izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo, kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.

Verse 13: “Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,

Verse 14: ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.

Verse 15: Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.

Verse 16: “Xwayani funa inhliziyo ikhohliswe, niphambuke, nikhonze abanye onkulunkulu, nikhuleke kubo,

Verse 17: intukuthelo kaJehova inivuthele, avale izulu, ukuze kungabikho mvula, izwe lingabe lisathela izithelo zalo, niphele masinyane ezweni elihle uJehova aninika lona.

Verse 18: Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe luphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.

Verse 19: Niyakuwafundisa abantwana benu, ukhulume ngawo, lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.

Verse 20: Uyakuwaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho

Verse 21: ukuba zandiswe izinsuku zakho nezinsuku zabantwana benu ezweni uJehova alifungela oyihlo ukubanika lona, njengezinsuku zezulu phezu komhlaba.

Verse 22: “Ngokuba uma nigcina nokugcina yonke le miyalo enginiyala ngayo ukuba niyenze, nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nihambe ngazo zonke izindlela zakhe, ninamathele kuye,

Verse 23: uJehova uyakuzixosha zonke lezi zizwe phambi kwenu, nizidle izizwe ezinkulu nezinamandla kunani.

Verse 24: Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.

Verse 25: Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokho akhuluma kini.

Verse 26: “Bheka, ngibeka phambi kwakho namuhla isibusiso nesiqalekiso,

Verse 27: isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla,

Verse 28: nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.

Verse 29: “Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, usibeke isibusiso entabeni yaseGerizimu nesiqalekiso entabeni yase-Ebali.

Verse 30: Angithi ziphesheya kweJordani ngalaphaya kwendlela yasentshonalanga ezweni lamaKhanani ahlala e-Araba, malungana neGiligali ngaseceleni kwama-oki aseMore na?

Verse 31: Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.

Verse 32: Niyakugcina ukuzenza zonke izimiso nezahlulelo engizibeka phambi kwenu namuhla.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories