Deuteronomy - Chapter 13

Verse 1: “Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso,

Verse 2: isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,’

Verse 3: awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?

Verse 4: Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.

Verse 5: Lowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho wobulawa, ngokuba ukhulumile okunihlubukisa uJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe, wakuhlenga endlini yobugqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ukuba uhambe ngayo. Uyakukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.

Verse 6: “Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,

Verse 7: onkulunkulu babantu abakuzungezayo, beseduze nawe noma bekude nawe, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba,

Verse 8: awuyikumvumela, ungamlaleli; iso lakho aliyikumhawukela, ungamyeki, ungamfihli,

Verse 9: kepha wombulala impela; isandla sakho siyakuba phezu kwakhe kuqala ukumbulala, ngasemuva isandla sabantu bonke.

Verse 10: Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

Verse 11: U-Israyeli wonke uyakuzwa, esabe, angabe esabenza ububi obunjalo njengalobo obuphakathi kwakho.

Verse 12: “Uma uyakuzwa ngomunye wemizi yakho uJehova uNkulunkulu wakho akupha wona ukuba wakhe kuwo, kuthiwa:

Verse 13: Abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwakho, bahlubukisile abomuzi wabo ngokuthi: ‘Masiye sikhonze abanye onkulunkulu eningabaziyo,’

Verse 14: wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso, leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho,

Verse 15: woshaya nokushaya abantu balowo muzi ngosiko lwenkemba, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nezinkomo zawo, ngosiko lwenkemba.

Verse 16: Uyakuyibuthela yonke impango yawo phakathi nesigcawu sawo, uwushise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango yawo, ibe ngumnikelo oshiswa wonke kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinxiwa njalo, ungabe usakhiwa futhi.

Verse 17: Akuyikunamathela lutho lokuqalekisiweyo esandleni sakho ukuba uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo, akuphathe ngomusa, abe nesihe kuwe, akwandise, njengalokho afunga koyihlo,

Verse 18: nxa ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba ugcine yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories