Verse 1: “Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe.
Verse 2: Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso.
Verse 3: “Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi.
Verse 4: Ulibo lwamabele akho, nolwewayini lakho, nolwamafutha akho, nezandulela zoboya bezimvu zakho uyakumnika khona.
Verse 5: Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba eme, akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.
Verse 6: “Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa-Israyeli wonke, lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha,
Verse 7: uyakukhonza egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe njengokwenza kwabo bonke abafowabo amaLevi emiyo khona phambi kukaJehova.
Verse 8: Ayakuphiwa izabelo ezilingeneyo ngaphandle kwalokho okuvela ngokuthengisa ngefa likayise.
Verse 9: “Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe.
Verse 10: Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi,
Verse 11: noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana.
Verse 12: Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho.
Verse 13: Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho.
Verse 14: “Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo.
Verse 15: UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena
Verse 16: njengakho konke owakufisa kuJehova uNkulunkulu wakho eHorebe ngosuku lomhlangano ngokuthi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngingabe ngisawubona lomlilo omkhulu futhi, funa ngife.’
Verse 17: “UJehova wayesethi kimi: ‘Basho kahle lokho abakukhulumile.
Verse 18: Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.
Verse 19: Kuyakuthi yilowo nalowo ongayikulalela amazwi ami ayakuwakhuluma egameni lami, mina ngikufune kuye.
Verse 20: Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’
Verse 21: “Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’
Verse 22: yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.