Verse 1: “Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,
Verse 2: abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’
Verse 3: Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.
Verse 4: “Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.
Verse 5: Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
Verse 6: Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.
Verse 7: “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.
Verse 8: NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.
Verse 9: Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.
Verse 10: UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.
Verse 11: “Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano.
Verse 12: UJehova wathi kimi: ‘Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’
Verse 13: “UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;
Verse 14: ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’
Verse 15: “Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.
Verse 16: Ngase ngibheka, ngabona ukuthi nanonile kuJehova; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyale ngayo.
Verse 17: Ngathatha-ke izibhebhe zombili, ngazilahla ezandleni zami zombili, ngazaphula phambi kwamehlo enu.
Verse 18: “Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.
Verse 19: Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi.
Verse 20: UJehova wathukuthelela kakhulu u-Aroni ukuba ambhubhise; ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi.
Verse 21: Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.
Verse 22: “EThabehera naseMasa naseKibiroti Hathawa namthukuthelisa uJehova.
Verse 23: “Nalapho uJehova enithuma, nisuka eKadeshi Barineya, ngokuthi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaJehova uNkulunkulu wenu, anikholwanga nguye, analalela izwi lakhe.
Verse 24: Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.
Verse 25: “Ngawela phansi phambi kukaJehova lezo zinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane engawa ngazo, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakunibhubhisa.
Verse 26: Ngakhuleka kuJehova, ngathi: ‘Jehova Nkulunkulu, ungabhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibithe ngesandla esinamandla.
Verse 27: Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo,
Verse 28: funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Lokhu uJehova wayengenamandla okubangenisa ezweni abathembise lona nangokuba wabazonda, ubakhiphile ukuba ababulale ehlane.”
Verse 29: Nokho bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’