Verse 1: “Uma kufunyaniswa obuleweyo ezweni akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle, elele endle, kungaziwa ukuthi ngubani ombuleleyo,
Verse 2: kuyakufika amalunga akho nabahluleli bakho, balinganise amabanga okuya emizini emzungezayo obuleweyo,
Verse 3: kuze kuthi umuzi oseduze nobuleweyo, amalunga alowo muzi athathe isithokazi ezinkomeni okungasetshenzwanga ngaso, singadonsanga ejokeni,
Verse 4: amalunga alowo muzi asehlisele leso sithokazi esigodini esinamanzi ampompozayo, esingalinywanga, singatshalwanga, ayaphule intamo yesithokazi lapho esigodini;
Verse 5: abapristi, amadodana kaLevi, bayakusondela, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ubakhethile ukuba bamkhonze, babusise egameni likaJehova; ngezwi labo konke ukuxabana nokushaya kuyakunqunywa;
Verse 6: onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini,
Verse 7: aphendule athi: ‘Izandla zethu azichithanga leli gazi, namehlo ethu awakubonanga.
Verse 8: Thethelela, Jehova, abantwana bakho u-Israyeli obahlengileyo, ungavumeli igazi elingenacala phakathi kwabantu bakho u-Israyeli,’ bese bethethelelwa igazi lelo.
Verse 9: Kanjalo uyakukhipha igazi elingenacala phakathi kwakho, ngokuba uyakwenza okulungile emehlweni kaJehova.
Verse 10: “Lapho uphuma impi ukuhlasela izitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho azinikela ezandleni zakho, uzithumbe,
Verse 11: ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye, uthanda ukumthatha abe ngumkakho,
Verse 12: myise ekhaya, aphucule ikhanda lakhe, asike izinzipho zakhe,
Verse 13: akhumule izingubo zokuthunjwa kwakhe, ahlale endlini yakho, akhalele uyise nonina inyanga yonke, andukuba ungene kuye, ube yindoda yakhe, yena abe ngumkakho.
Verse 14: Kepha uma ungathokozi ngaye, womyeka ukuba ahambe, aye lapho ethanda khona; kodwa awuyikuthengisa ngaye neze ngemali, ungamphathi njengesigqila, ngokuba usumonile.
Verse 15: “Uma umuntu enabafazi ababili, omunye ethandeka omunye aliwa, bamzalele abantwana, othandekayo nowaliwayo, bese kuthi indodana eyizibulo ingeyowaliwayo,
Verse 16: kuyakuthi mhla ewahlukanisela amadodana akhe ifa analo, makangayenzi indodana yentandokazi izibulo phambi kwendodana yesaliwakazi okuyiyona eyizibulo,
Verse 17: kepha avume ukuba indodana yowaliwayo ibe yizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yona ingukuqala kwamandla akhe; ilungelo lezibulo lingelayo.
Verse 18: “Uma umuntu enendodana enenkani nengezwayo, engalaleli izwi likayise noma izwi likanina, engalaleli noma beyilaya,
Verse 19: uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,
Verse 20: bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa.’
Verse 21: Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.
Verse 22: “Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,
Verse 23: isidumbu sakhe asiyikuhlala bonke ubusuku emthini, kepha wommbela nokummbela ngalona lolo suku, ngokuba ophanyekiweyo uqalekisiwe nguNkulunkulu, ukuba ungalingcolisi izwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho.