Deuteronomy - Chapter 3

Verse 1: “Sase siphenduka sakhuphuka ngendlela eya eBashani; u-Ogi inkosi yaseBashani waphuma wasihlasela, yena nabo bonke abantu bakhe, ukuzokulwa ngase-Edireyi.

Verse 2: UJehova wayesethi kimi: ‘Ungamesabi, ngokuba ngimnikele yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho, wena wenze kuye, njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni.’

Verse 3: “UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye u-Ogi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala muntu kuye.

Verse 4: Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akubangakho muzi esingawuthathanga kubo: imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.

Verse 5: Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo, namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.

Verse 6: Sayichitha sayiqeda, njengalokho senza kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, sichitha siqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane.

Verse 7: Kepha izinkomo nempango yemizi sakuthatha kwaba yimpango yethu.

Verse 8: “Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori aphesheya kweJordani, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni

Verse 9: eliyiHermoni elibizwa ngamaSidoni ngokuthi iSiriyoni nama-Amori alibiza ngokuthi iSeniri

Verse 10: yonke imizi yasethafeni, nalo lonke elakwaGileyadi, nalo lonke iBashani kuze kube seSaleka nase-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBashani.

Verse 11: Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.

Verse 12: “Lelo zwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi, nemizi yalo, sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;

Verse 13: insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani, umbuso ka-Ogi, nganika lokho inxenye yesizwe sakwaManase, sonke isifunda sase-Arigobi neBashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.

Verse 14: UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza - lona iBashani - ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.

Verse 15: Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.

Verse 16: AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,

Verse 17: ne-Araba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.

Verse 18: “Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.

Verse 19: Kepha omkenu, nabancane benu, nezinkomo zenu - ngiyazi ukuthi ninezinkomo eziningi - bayakuhlala emizini yenu engininike yona,

Verse 20: uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.’

Verse 21: “Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kulawo makhosi amabili: kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso eniyidabulayo.

Verse 22: Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.’

Verse 23: “Ngaleso sikhathi ngacela kuJehova, ngathi:

Verse 24: ‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?

Verse 25: Ake ngiwele, ngilibone izwe elihle elingaphesheya kweJordani, leyo ntaba enhle, neLebanoni.’

Verse 26: “Kepha uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, akangizwanga; uJehova wayesethi kimi: ‘Mawudele; ungabe usakhuluma nami ngale ndaba.

Verse 27: Khuphukela esiqongweni sasePisiga, uphakamisele amehlo akho ngasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu, nangasempumalanga, ulibheke ngamehlo akho, ngokuba awuyikuliwela leli Jordani.

Verse 28: Kepha yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela phambi kwalaba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’

Verse 29: Sahlala-ke esigodini esimalungana neBeti Peyori.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories