Verse 1: “Nxa uphuma impi ukuhlasela izitha zakho, bese wubona amahhashi, nezinqola, nabantu abaningi kunawe, ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, yena owakukhuphula ezweni laseGibithe.
Verse 2: Kuyakuthi lapho nisondela empini, afike umpristi, akhulume kubantu, athi kubo:
Verse 3: ‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
Verse 4: ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’
Verse 5: “Izinduna ziyakukhuluma kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owakhile indlu entsha engayivulanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayivule.
Verse 6: Ngumuphi umuntu otshalile isivini engadlanga izithelo zaso na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu asidle.
Verse 7: Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.’
Verse 8: Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’
Verse 9: Kuyakuthi lapho izinduna seziqedile ukukhuluma, zikhethe izinduna zamabandla eziyakubahola abantu.
Verse 10: “Nxa usondela emzini ukulwa nawo, mawumemezele ukuthula kuwo.
Verse 11: Kuyakuthi uma ukuphendula ngezwi lokuthula, uzivulele kuwe, abantu bonke abafunyaniswa phakathi kwawo baba yizinceku zempoqo, bakukhonze.
Verse 12: Uma ungenzi ukuthula kuwe kepha ukuhlasela, uyakuwuvimbezela,
Verse 13: nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ewunikela esandleni sakho, uyakushaya bonke abesilisa bawo ngosiko lwenkemba,
Verse 14: kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.
Verse 15: Uyakwenze njalo kuyo yonke imizi ekude kakhulu nawe, engesiyo imizi yalezi zizwe.
Verse 16: “Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo,
Verse 17: kepha uyakubabhubhisa nokubabhubhisa: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi njengokukuyala kukaJehova uNkulunkulu wakho,
Verse 18: ukuze banganifundisi ukuba nenze zonke izinengiso zabo abazenzile konkulunkulu babo, none kuJehova uNkulunkulu wenu.
Verse 19: “Nxa uvimbezela umuzi isikhathi eside ngokulwa nawo ukuba uwuthathe, awuyikuyichitha imithi ngokuyigalela ngezembe, ngokuba ungadla kuyo; ungayigawuli, ngokuba umuthi wasendle ungumuntu yini ukuba uvinjezelwe nguwe na?
Verse 20: Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.