Luke - Chapter 12

Verse 1: Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

Verse 2: Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.

Verse 3: Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni kuyakuzwiwa ekukhanyeni, nalokho enikukhuluma endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.

Verse 4: “Kepha ngithi kinina bahlobo bami: Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.

Verse 5: Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele, abe namandla okuphonsa esihogweni. Yebo, ngithi kini: Mesabeni lowo.

Verse 6: Akuthengwa yini imizwilili eyisihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Akukhohlakele namunye kuyo emehlweni kaNkulunkulu.

Verse 7: Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Maningesabi; nidlula imizwilili eminingi.

Verse 8: “Futhi ngithi kini: Yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu neNdodana yomuntu iyakumvuma yena phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu;

Verse 9: kepha ongiphika phambi kwabantu uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu.

Verse 10: Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa, kepha ohlambalaza uMoya oNgcwele kayikuthethelelwa.

Verse 11: “Kepha nxa beniqhubela emasinagogeni, nakubabusi, nakuzo iziphathimandla, ningakhathazeki ngokuthi niyakuziphendulela kanjani nangokuthini, nokuba niyakukhulumani,

Verse 12: ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngasona leso sikhathi okufanele nikukhulume.”

Verse 13: Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.”

Verse 14: Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?”

Verse 15: Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”

Verse 16: Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle.

Verse 17: Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’

Verse 18: “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami.

Verse 19: Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’

Verse 20: “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’

Verse 21: “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”

Verse 22: Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani.

Verse 23: Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho.

Verse 24: Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni.

Verse 25: Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na?

Verse 26: Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?

Verse 27: “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.

Verse 28: Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane.

Verse 29: Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki.

Verse 30: Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho.

Verse 31: Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.

Verse 32: “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso.

Verse 33: Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona.

Verse 34: Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu.

Verse 35: “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha.

Verse 36: Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane.

Verse 37: Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze.

Verse 38: Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo.

Verse 39: Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe.

Verse 40: Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”

Verse 41: UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?”

Verse 42: Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?

Verse 43: Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo.

Verse 44: Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho.

Verse 45: Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe,

Verse 46: inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile.

Verse 47: “Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi;

Verse 48: kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.

Verse 49: “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe.

Verse 50: Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke.

Verse 51: Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana.

Verse 52: Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu;

Verse 53: bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.”

Verse 54: Wayesethi nakuzo izixuku: “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga, masinyane nithi: ‘Iyeza imvula,’ kube njalo.

Verse 55: Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: ‘Lizakubalela,’ kube njalo.

Verse 56: Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na?

Verse 57: “Pho, yini ukuba ninganqumi ngokwenu okulungileyo na?

Verse 58: Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye, funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli, umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni.

Verse 59: Ngithi kuwe: Awusoze waphuma khona, uze ukhokhe ifadingi lokuphela.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories