Verse 1: ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.
Verse 2: Lokhu kubalwa kokuqala kwenziwa uKhureniyu engumbusi waseSiriya.
Verse 3: Bonke baya kubalwa, yilowo nalowo emzini wakubo.
Verse 4: Naye uJosefa wakhuphuka ephuma eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya emzini kaDavide othiwa iBetlehema, ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide,
Verse 5: ukuyobalwa kanye noMariya owayemmiselwe ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe.
Verse 6: Kwathi-ke beselapho, zaphelela izinsuku zokuba abelethe.
Verse 7: Wazibula ngendodana, wayembesa, wayilalisa emkhombeni, ngokuba bantula indawo endlini yezihambi.
Verse 8: Kwakukhona abelusi kulelo zwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku.
Verse 9: Ingelosi yeNkosi yema phambi kwabo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; besaba ngokwesaba okukhulu.
Verse 10: Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke,
Verse 11: ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.
Verse 12: Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.”
Verse 13: Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:
Verse 14: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
Verse 15: Kwathi ukuba zimuke kubo izingelosi ziya ezulwini, abelusi bakhuluma bodwa, bathi: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyo nto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.”
Verse 16: Bephuthuma bafika, bafumanisa oMariya noJosefa, nomntwana olele emkhombeni.
Verse 17: Sebebonile balanda ngalelo zwi ababetshelwe lona ngalowo mntwana.
Verse 18: Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi.
Verse 19: Kepha uMariya wagcina onke lawo mazwi ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.
Verse 20: Babuya-ke abelusi bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke abakuzwileyo nabakubonileyo, njengalokho kwakukhulunyiwe kubo.
Verse 21: Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili zokuba umntwana asokwe, igama lakhe lathiwa uJesu, elaliqanjiwe yingelosi, engakathatshathwa esiswini.
Verse 22: Kwathi ukuba kuphelele izinsuku zokuhlanjululwa kwabo ngokomthetho kaMose, benyukela naye eJerusalema ukuba bammise phambi kweNkosi
Verse 23: njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”,
Verse 24: banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi: “Amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”
Verse 25: Bheka, kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni; lo muntu wayelungile, emesaba uNkulunkulu, ebhekile induduzo ka-Israyeli; noMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
Verse 26: Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.
Verse 27: Wafika ngoMoya ethempelini. Kwathi ukuba abazali balethe umntwana uJesu ethempelini ukuba benze kuye njengesiko lomthetho,
Verse 28: wamamukela ngokumgona, wambonga uNkulunkulu, wathi:
Verse 29: “Sale usumukisa ngokuthula inceku yakho, Somandla, njengezwi lakho,
Verse 30: ngokuba amehlo ami abonile insindiso yakho
Verse 31: oyilungisele ebusweni babantu bonke,
Verse 32: ukukhanya kokwambulela abezizwe nenkazimulo yesizwe sakho u-Israyeli.”
Verse 33: Uyise nonina bamangala ngalokho okukhulunywa ngaye.
Verse 34: USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo —
Verse 35: yebo, inkemba iyakudabula nowakho umphefumulo — ukuba kwambulwe izizindlo zezinhliziyo eziningi.”
Verse 36: Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,
Verse 37: engumfelokazi waze waba neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engasuki ethempelini, ekhonza ngokuzila nangokukhuleka ubusuku nemini.
Verse 38: Naye-ke efika ngasona leso sikhathi wamtusa uNkulunkulu, wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheke ukukhululwa kweJerusalema.
Verse 39: Kwathi sebefeze konke okungokomthetho weNkosi babuyela eGalile emzini wakubo iNazaretha.
Verse 40: Wakhula umntwana, waba namandla, wagcwala ukuhlakanipha; nomusa kaNkulunkulu wawuphezu kwakhe.
Verse 41: Abazali bakhe baya eJerusalema iminyaka yonke ngomkhosi wePhasika.
Verse 42: Eseneminyaka eyishumi nambili, bakhuphuka njengokomthetho womkhosi.
Verse 43: Sebeziqedile izinsuku, ekubuyeni kwabo, umntwana uJesu wasala eJerusalema, abazali bakhe bengazi.
Verse 44: Bethi-ke bona uphakathi kwabahambisana nabo bahamba ibanga losuku, bamfuna phakathi kwezihlobo nabazana nabo.
Verse 45: Bengamtholi babuyela eJerusalema, bemfuna.
Verse 46: Kwathi emva kwezinsuku ezintathu bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.
Verse 47: Bonke ababemuzwa bamangala ngokuqonda nangokuphendula kwakhe.
Verse 48: Bathi bembona, bamangala; unina wathi kuye: “Mntanami, usenzeleni okunje na? Bheka, uyihlo nami besikufuna silusizi.”
Verse 49: Wathi kubo: “Kukanjani, beningifunelani na? Beningazi yini ukuthi kumelwe ukuba ngibe kokukaBaba na?”
Verse 50: Abaliqondanga lelo zwi abelikhuluma kubo.
Verse 51: Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawagcina onke lawa mazwi enhliziyweni yakhe.
Verse 52: UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.