Verse 1: Kwathi ekungeneni kwakhe ngesabatha endlini yomunye waba yizikhulu kubaFarisi ukuba adle ukudla, bona uqobo babemqaphele.
Verse 2: Bheka, kwavela phambi kwakhe umuntu othile owayenesifo samanzi.
Verse 3: UJesu wathatha, wathi kuzo izazimthetho nabaFarisi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha noma qha?”
Verse 4: Kepha bathula. Wayesemphatha, wamphulukisa, wammukisa.
Verse 5: Wathi kubo: “Ngumuphi kini ongathi indodana noma inkabi iyele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha, na?”
Verse 6: Bahluleka ukuphendula kulokho.
Verse 7: Wabalandisa abamenyiweyo umfanekiso, ebona ukuzikhethela kwabo izihlalo eziphambili, wathi kubo:
Verse 8: “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye,
Verse 9: eze yena onimeme wena naye, athi: ‘Mdedele lo;’ khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.
Verse 10: Kepha nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: ‘Mhlobo, yenyukela enhla;’ khona uyakuba nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.
Verse 11: Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”
Verse 12: Wathi nakommemileyo: “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube khona ukwenanana.
Verse 13: Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe;
Verse 14: uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele; uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.”
Verse 15: Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”
Verse 16: Kepha wathi kuye: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi.
Verse 17: Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: ‘Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.’
Verse 18: “Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: ‘Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’
Verse 19: “Omunye wathi: ‘Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele.’
Verse 20: “Omunye wathi: ‘Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.’
Verse 21: “Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe: ‘Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.’
Verse 22: “Yathi inceku: ‘Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo.’
Verse 23: “Yathi inkosi encekwini: ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami.
Verse 24: Ngokuba ngithi kini: Ayikho neyodwa yalawo madoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.’ ”
Verse 25: Kwakuhamba naye izixuku eziningi; waphenduka, wathi kuzo:
Verse 26: “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.
Verse 27: Nalowo ongathwali isiphambano sakhe, angilandele, angebe ngumfundi wami.
Verse 28: “Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na?
Verse 29: Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka,
Verse 30: bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’
Verse 31: “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na?
Verse 32: Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.
Verse 33: Kunjalo-ke yilowo nalowo kini ongavalelisi nakho konke anakho angebe ngumfundi wami.
Verse 34: “Usawoti uyinto enhle; kepha uma usawoti edumele, uyakuhlaziywa ngani na?
Verse 35: Akasafanele namhlabathi namquba; uyalahlwa nje phandle; onezidlebe zokuzwa makezwe.”