Verse 1: Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.
Verse 2: Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa.
Verse 3: Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili.
Verse 4: Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona.
Verse 5: Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.”
Verse 6: Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke.
Verse 7: Kwathi uHerode umtetrarki ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo,
Verse 8: ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala.
Verse 9: Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona.
Verse 10: Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida.
Verse 11: Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa.
Verse 12: Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”
Verse 13: Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.”
Verse 14: Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.”
Verse 15: Benze njalo, babahlalisa bonke.
Verse 16: Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.
Verse 17: Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.
Verse 18: Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”
Verse 19: Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”
Verse 20: Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?” UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”
Verse 21: Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,
Verse 22: wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.”
Verse 23: Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.
Verse 24: Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.
Verse 25: Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?
Verse 26: Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.
Verse 27: Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.”
Verse 28: Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka.
Verse 29: Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela.
Verse 30: Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili ayengoMose no-Eliya;
Verse 31: abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema.
Verse 32: UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.
Verse 33: Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini.
Verse 34: Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini.
Verse 35: Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.”
Verse 36: Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo.
Verse 37: Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza.
Verse 38: Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi.
Verse 39: Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile.
Verse 40: Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
Verse 41: UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.”
Verse 42: Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.
Verse 43: Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu. Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe:
Verse 44: “Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”
Verse 45: Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.
Verse 46: Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo.
Verse 47: Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe,
Verse 48: wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”
Verse 49: UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.”
Verse 50: Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.”
Verse 51: Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema.
Verse 52: Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele.
Verse 53: Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema.
Verse 54: Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”
Verse 55: Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni.
Verse 56: Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa;” base beya komunye umuzi.
Verse 57: Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
Verse 58: UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
Verse 59: Wayesethi komunye: “Ngilandele.” Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”
Verse 60: Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.”
Verse 61: Nomunye-ke wathi: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.”
Verse 62: Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”