Verse 1: sikhathi kwakukhona abathile abamtshela ngabaseGalile igazi labo uPilatu ayelixubanisile nemihlatshelo yabo.
Verse 2: Waphendula, wathi kubo: “Nithi labo baseGalile babe yizoni kunabo bonke abaseGalile, ngokuba behlelwa yilokho, na?
Verse 3: Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha kanjalo nonke.
Verse 4: Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babe namacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?
Verse 5: Ngithi kini: Qha, kepha uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.”
Verse 6: Wayesebalandisa lo mfanekiso wokuthi: “Umuntu othile wayenomkhiwane utshalwe esivinini sakhe; weza efuna isithelo kuwo, akasifumananga.
Verse 7: Wayesethi kuso isisebenzi sesivini: ‘Bheka, sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna isithelo kulo mkhiwane, ngingasifumani; wunqume; yini ukuba uyone futhi inhlabathi?’
Verse 8: “Sona saphendula, sathi kuye: ‘Nkosi, wuyeke nangalo mnyaka, ngize ngivukuze inhlabathi emaceleni awo, ngiwuthelele umquba;
Verse 9: mhlawumbe ungaze uthele ngozayo; kepha uma kungenjalo, wowunquma.’ ”
Verse 10: Wayefundisa kwelinye lamasinagoge ngesabatha.
Verse 11: Bheka, kwaba khona owesifazane onomoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, eseqhothile engenakululama nempela.
Verse 12: Kwathi uJesu embona, wambiza, wathi kuye: “Mame, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.”
Verse 13: Wabeka izandla phezu kwakhe; weluleka khona lapho, wamdumisa uNkulunkulu.
Verse 14: Umphathi wesinagoge, ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”
Verse 15: Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, kanti yilowo nalowo kini kayithukululi yini ngesabatha inkabi yakhe noma imbongolo yakhe emkhombeni, ayise ukuyoyiphuzisa, na?
Verse 16: Kepha lona, eyindodakazi ka-Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili, bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?”
Verse 17: Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye; isixuku sonke sathokoza ngemisebenzi yonke yenkazimulo eyenziwe nguye.
Verse 18: Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ngiyakuwufanisa nani na?
Verse 19: Ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; yamila, yaba ngumuthi, izinyoni zezulu zaze zakhela emagatsheni awo.”
Verse 20: Wabuye wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ngiyakuwufanisa nani na?
Verse 21: Ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka emaqomeni amathathu empuphu, kwaze kwabila konke.”
Verse 22: Wayesedlula, wahamba imizi ngemizi nemizana ngemizana, efundisa, eqonde eJerusalema.
Verse 23: Umuntu othile wayesethi kuye: “Nkosi, bayingcosana abasindiswayo na?” Wathi kubo:
Verse 24: “Phikelelani ukungena ngomnyango omncinyane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, bahluleke.
Verse 25: Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’
Verse 26: “Lapho-ke niyakuqala ukuthi: ‘Sasidla, siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’
Verse 27: “Athi-ke: ‘Ngithi kini: Anginazi lapho nivela khona; sukani kimi nina nonke, basebenzi bokungalungi.’
Verse 28: “Lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo, nxa senibona o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, nabaprofethi bonke embusweni kaNkulunkulu, kepha nina nikhishelwe ngaphandle.
Verse 29: Bayakufika bevela empumalanga, nasentshonalanga, nasenyakatho, naseningizimu, bahlale ekudleni embusweni kaNkulunkulu.
Verse 30: Bhekani, bakhona abokugcina abayakuba ngabokuqala; bakhona abokuqala abayakuba ngabokugcina.”
Verse 31: Ngawo lowo mzuzwana kweza abaFarisi abathile, bathi kuye: “Suka, umuke lapha, ngokuba uHerode ufuna ukukubulala.”
Verse 32: Wathi kubo: “Hambani nithi kuleyo mpungushe: ‘Bheka, ngikhipha amademoni, ngiphulukise abagulayo namuhla nakusasa, kuthi ngosuku lwesithathu ngipheleliswe.’
Verse 33: Nokho ngimelwe ukuba ngihambe namuhla nakusasa nangomhlomunye; ngokuba akunakwenzeka ukuba umprofethi abhubhe ngaphandle kweJerusalema.
Verse 34: “Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, bengithanda kangaki ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko; kepha anivumanga.
Verse 35: Bhekani, indlu yenu isisala inxiwa kini; kepha ngithi kini: Anisoze nangibona, kuze kufike isikhathi sokuba nithi: ‘Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.’ ”