Luke - Chapter 8

Verse 1: Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili

Verse 2: nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni: uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena, okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,

Verse 3: noJowana umkaKhuza, induna kaHerode, noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo.

Verse 4: Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi:

Verse 5: “Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda.

Verse 6: Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.

Verse 7: Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa.

Verse 8: Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.” Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

Verse 9: Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na?

Verse 10: Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.

Verse 11: “Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.

Verse 12: Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.

Verse 13: Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.

Verse 14: Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe.

Verse 15: Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.

Verse 16: “Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.

Verse 17: Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala.

Verse 18: Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.”

Verse 19: Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku.

Verse 20: Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.”

Verse 21: Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.”

Verse 22: Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke.

Verse 23: Kuthe besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.

Verse 24: Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.” Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.

Verse 25: Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?” Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?”

Verse 26: Bafika ngomkhumbi ezweni lamaGerasa elibhekene neGalile.

Verse 27: Esephumele emhlabathini, kwamhlangabeza indoda ethile yomuzi eyayinamademoni; kwase kuyisikhathi eside ingembathi ngubo, ingahlali endlini kodwa emathuneni.

Verse 28: Isimbona uJesu yadazuluka, yawa phansi phambi kwakhe, yathi ngezwi elikhulu: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngiyakuncenga, ungangihluphi.”

Verse 29: Ngokuba wayala umoya ongcolileyo ukuba aphume kulowo muntu. Ngokuba wayesembambe kaningi; walindwa eboshwe ngawozankosi nangamaketanga ezinyawo; kepha wathi esegqabule izibopho, waqhutshelwa yidemoni ehlane.

Verse 30: UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho?” Wathi: “ULegiyona,” ngokuba amademoni amaningi ayengene kuye.

Verse 31: Amncenga ukuba angawayali ukuya kwalasha.

Verse 32: Kwakukhona lapho umhlambi wezingulube eziningi ziklabile entabeni; amncenga ukuba awavumele angene kuzo; wawavumela.

Verse 33: Aphuma-ke amademoni kuye umuntu, angena ezingulubeni, umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, waminza.

Verse 34: Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni.

Verse 35: Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.

Verse 36: Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni.

Verse 37: Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.

Verse 38: Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi:

Verse 39: “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.

Verse 40: Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile.

Verse 41: Bheka, kwafika indoda, nguJayiru igama layo, ingumphathi wesinagoge, yaziphonsa phansi ngasezinyaweni zikaJesu, yamncenga ukuba angene endlini yayo.

Verse 42: Ngokuba yayinendodakazi eyodwa kungathi ineminyaka eyishumi nambili, yona isifa. Kepha esahamba, izixuku zamminyanisa.

Verse 43: Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, esekhokhele izinyanga konke abephila ngakho, engenakuphulukiswa muntu,

Verse 44: weza ngasemuva, wathinta umphetho wengubo yakhe; kwanqamuka masinyane ukugobhoza kwegazi lakhe.

Verse 45: UJesu wathi: “Ngubani ongithintileyo na?” Bephika bonke, wathi uPetru nababe naye: “Nkosi, izixuku ziyakuminyanisa, zikucindezele.”

Verse 46: Kepha uJesu wathi: “Ukhona ongithintileyo, ngokuba ngizwile kuphuma amandla kimi.”

Verse 47: Owesifazane ebona ukuthi kanakufihleka, weza ethuthumela, eziphonsa phansi phambi kwakhe, walanda phambi kwabantu bonke isisusa sokuba amthinte nokuthi usinde khona lapho.

Verse 48: Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”

Verse 49: Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.”

Verse 50: Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.”

Verse 51: Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina.

Verse 52: Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.”

Verse 53: Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile.

Verse 54: Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!”

Verse 55: Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla.

Verse 56: Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories