Luke - Chapter 24

Verse 1: Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.

Verse 2: Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni.

Verse 3: Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu.

Verse 4: Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.

Verse 5: Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?

Verse 6: Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,

Verse 7: ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ”

Verse 8: Bawakhumbula-ke amazwi akhe.

Verse 9: Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.

Verse 10: KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.

Verse 11: Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo.

Verse 12: Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.

Verse 13: Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha.

Verse 14: Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.

Verse 15: Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo.

Verse 16: Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.

Verse 17: Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele.

Verse 18: Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?”

Verse 19: Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,

Verse 20: ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.

Verse 21: Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.

Verse 22: Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni;

Verse 23: kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila.

Verse 24: Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.”

Verse 25: Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi!

Verse 26: UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?”

Verse 27: Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.

Verse 28: Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili.

Verse 29: Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo.

Verse 30: Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.

Verse 31: Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo.

Verse 32: Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”

Verse 33: Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,

Verse 34: bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.”

Verse 35: Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.

Verse 36: Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”

Verse 37: Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.

Verse 38: Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?

Verse 39: Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”

Verse 40: Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.

Verse 41: Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?”

Verse 42: Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi.

Verse 43: Wakuthatha, wadla phambi kwabo.

Verse 44: Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”

Verse 45: Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.

Verse 46: Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,

Verse 47: kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.

Verse 48: Nina-ke ningofakazi balezi zinto.

Verse 49: Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”

Verse 50: Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.

Verse 51: Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.

Verse 52: Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.

Verse 53: Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories