Acts - Chapter 10

Verse 1: Kwakukhona eKesariya indoda ethile egama layo linguKorneliyu, eyinduna yekhulu yebutho elithiwa elase-Italiya;

Verse 2: wayengumuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.

Verse 3: Wabona ngokusobala embonweni ingelosi kaNkulunkulu ingena kuye kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini, ithi: “Korneliyu!”

Verse 4: Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.

Verse 5: Thuma-ke amadoda eJopha, ubize uSimoni othile othiwa uPetru;

Verse 6: yena ungenisile kwaSimoni othile, umshuki, ondlu yakhe ingaselwandle.”

Verse 7: Isimukile ingelosi ebikhuluma naye, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulawo ayehlala naye njalo,

Verse 8: wabalandisa konke, wabathumela eJopha.

Verse 9: Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha.

Verse 10: Khona walamba kakhulu, wafuna ukudla; kepha besamlungisela wehlelwa yisiyezi,

Verse 11: wabona izulu livulekile nesitsha esithile sehla sinjengendwangu enkulu, sehliselwa emhlabeni ngamachopho amane.

Verse 12: Kusona kwakukhona zonke izilwane ezinezinyawo ezine, nezinwabuzelayo zomhlaba, nezinyoni zezulu.

Verse 13: Kwavela izwi, lathi kuye: “Vuka, Petru; hlaba, udle.”

Verse 14: Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.”

Verse 15: Izwi laphinda lasho kuye ngokwesibili, lathi: “Lokho akuhlambululile uNkulunkulu, ungasho wena ukuthi kubi.”

Verse 16: Lokho kwaphindwa kathathu; isitsha senyuselwa masinyane ezulwini.

Verse 17: UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni, ema ngasesangweni,

Verse 18: amemeza ebuza ukuthi uSimoni othiwa uPetru ungenisile yini lapho.

Verse 19: UPetru esazindla ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amabili ayakufuna;

Verse 20: sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo.”

Verse 21: UPetru wayesehlela kuwo amadoda, wathi: “Bhekani, yimina enimfunayo; kuyindabani enize ngayo na?”

Verse 22: Bathi: “UKorneliyu induna yekhulu, indoda elungileyo nemesabayo uNkulunkulu, efakazelwa kahle esizweni sonke sabaJuda, uyaliwe yingelosi engcwele ukuba akubizele endlini yakhe, ezwe amazwi kuwe.”

Verse 23: Wayesebabiza, wabangenisa. Ngangomuso wasuka wahamba nabo, abathile babazalwane baseJopha bamphelekezela.

Verse 24: Ngangomuso bangena eKesariya. UKorneliyu wayebalindele esebizile izihlobo nabangane bakhe abakhulu.

Verse 25: Kwathi ukuba angene uPetru, uKorneliyu wamhlangabeza, wawa phansi ngasezinyaweni zakhe, wakhuleka.

Verse 26: Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.”

Verse 27: Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene.

Verse 28: Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile.

Verse 29: Ngakho lokhu ngibiziwe, ngizile ngingalanga. Ngakho-ke sengiyabuza ukuthi ningibizeleni na?”

Verse 30: UKorneliyu wathi: “Ngezinsuku ezine ezidlule ngaleli hora bengenza umkhuleko wehora lesishiyagalolunye endlini yami; bheka, indoda eyembethe ingubo ekhazimulayo yema phambi kwami,

Verse 31: yathi: ‘Korneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.

Verse 32: Ngakho thumela eJopha, ubize uSimoni othiwa uPetru; yena ungenisile endlini kaSimoni umshuki ngaselwandle.’

Verse 33: Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”

Verse 34: Khona uPetru wavula umlomo, wathi: “Nembala ngiyabona ukuthi uNkulunkulu akabheki ubuso bamuntu,

Verse 35: kodwa ezizweni zonke omesabayo nowenza ukulunga uyamukeleka kuye.

Verse 36: Walithumela izwi kubantwana bakwa-Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.

Verse 37: Niyalazi izwi elamenyezelwa eJudiya lonke, liqalile eGalile, emva kokubhapathiza akushumayelayo uJohane

Verse 38: lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.

Verse 39: “Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema yena abambulalayo bemphanyeka emthini.

Verse 40: Lowo uNkulunkulu wamvusa ngosuku lwesithathu, wamnika ukuba abonakale,

Verse 41: kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.

Verse 42: Wasiyala ukuba sishumayele kubantu, sifakaze ukuthi: Nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.

Verse 43: Ngaye bonke abaprofethi bafakaza ukuthi ngegama lakhe bonke abakholwa nguye bayakwamukela ukuthethelelwa kwezono.”

Verse 44: Kwathi uPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.

Verse 45: Abokusoka abakholwayo ababefikile noPetru bamangala kakhulu, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.

Verse 46: Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. Khona uPetru waphendula wathi:

Verse 47: “Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?”

Verse 48: Wayeseyala ukuba babhapathizwe egameni leNkosi. Base bemncenga ukuba ahlale izinsuku ezithile.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories