Verse 1: sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha.
Verse 2: Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza.
Verse 3: Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe.
Verse 4: Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”
Verse 5: Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.
Verse 6: Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.
Verse 7: Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu.
Verse 8: Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.
Verse 9: Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa,
Verse 10: basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.
Verse 11: Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.
Verse 12: Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu;
Verse 13: sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili.
Verse 14: Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.
Verse 15: Abazalwame sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.
Verse 16: Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.
Verse 17: Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;
Verse 18: wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife;
Verse 19: kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho.
Verse 20: Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”
Verse 21: Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.
Verse 22: Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”
Verse 23: Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Verse 24: Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga;
Verse 25: kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo
Verse 26: ngokuthi: “ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi: “Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda, nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,
Verse 27: ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba buthuntu; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.” ’
Verse 28: “Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.”
Verse 29: Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.
Verse 30: Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye,
Verse 31: washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.