Acts - Chapter 14

Verse 1: Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.

Verse 2: Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane.

Verse 3: Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.

Verse 4: Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli.

Verse 5: Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe,

Verse 6: bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona,

Verse 7: bashumayela khona ivangeli.

Verse 8: EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe.

Verse 9: Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe,

Verse 10: wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba.

Verse 11: Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.”

Verse 12: UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni.

Verse 13: Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku.

Verse 14: Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza

Verse 15: bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,

Verse 16: othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo.

Verse 17: Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”

Verse 18: Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli.

Verse 19: Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile.

Verse 20: Kepha kwathi abafundi bembunganyele, wavuka, wangena emzini. Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.

Verse 21: Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya,

Verse 22: baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”

Verse 23: Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo.

Verse 24: Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya.

Verse 25: Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya.

Verse 26: Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile.

Verse 27: Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa.

Verse 28: Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories