Acts - Chapter 9

Verse 1: uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu,

Verse 2: wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni, kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe.

Verse 3: Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini.

Verse 4: Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”

Verse 5: Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?” Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena;

Verse 6: kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”

Verse 7: Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu.

Verse 8: USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku.

Verse 9: Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.

Verse 10: Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!” Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.”

Verse 11: INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka;

Verse 12: ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.”

Verse 13: Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema;

Verse 14: nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”

Verse 15: INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli,

Verse 16: ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.”

Verse 17: Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”

Verse 18: Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa;

Verse 19: esedlile wathola amandla. Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile.

Verse 20: Masinyane washumayela emasinagogeni ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.

Verse 21: Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?”

Verse 22: Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

Verse 23: Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale.

Verse 24: Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale.

Verse 25: Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma.

Verse 26: Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi.

Verse 27: Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu.

Verse 28: Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi,

Verse 29: ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala.

Verse 30: Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.

Verse 31: Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

Verse 32: Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida.

Verse 33: Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.

Verse 34: Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane.

Verse 35: Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini.

Verse 36: EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.

Verse 37: Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu.

Verse 38: Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.”

Verse 39: Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

Verse 40: Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama.

Verse 41: Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile.

Verse 42: Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.

Verse 43: Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories