Verse 1: sikhathi uHerode inkosi welula izandla ukuba ahluphe abathile bebandla.
Verse 2: Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane ngenkemba.
Verse 3: Esebonile ukuthi lokhu kuyabathokozisa abaJuda, waqhubeka wambamba noPetru. Kwakuyizinsuku zezinkwa ezingenamvubelo.
Verse 4: Wambamba, wamfaka etilongweni, wamnikela emaviyweni amane, yilelo nalelo linamabutho amane, ukuba amlinde, ehlose ukumkhuphulela ebantwini emva kwePhasika.
Verse 5: Ngakho-ke uPetru wagcinwa etilongweni; kepha ibandla lamkhulekela ngesineke kuNkulunkulu.
Verse 6: Kwathi mhla uHerode ebezakumphumisa, ngalobo busuku uPetru wayelele phakathi kwamabutho amabili, eboshiwe ngamaketanga amabili, nabalindi phambi komnyango begcina itilongo.
Verse 7: Bheka, yafika ingelosi yeNkosi, kwakhanya ukukhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa ithi: “Shesha usukume.” Ayesewa amaketanga ezandleni zakhe.
Verse 8: Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake izicathulo zakho.” Wenze njalo. Yathi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.”
Verse 9: Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi, kodwa wayethi ubona umbono.
Verse 10: Sebedlulile kubalindi bokuqala nabesibili bafika esangweni lensimbi eliya emzini, labavulekela ngokwalo, baphuma, badlula isitaladi saba sinye; ingelosi yayisimshiya masinyane.
Verse 11: UPetru esesangulukile wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.”
Verse 12: Sekumkhanyele lokho, wafika endlini kaMariya unina kaJohane othiwa uMarku, lapho bebebuthene khona abaningi bekhuleka.
Verse 13: Esengqongqotha esivalweni sesango, yeza intombazana ukusabela, egama layo linguRoda;
Verse 14: isilizwile izwi likaPetru ayivulanga esangweni ngenxa yokuthokoza, kepha yagijima yabika ukuthi uPetru umi ngasesangweni.
Verse 15: Kodwa bathi kuyo: “Uyahlanya.” Yona yaqinisa yathi: “Hhayi, kunjalo.” Bona bathi: “Yingelosi yakhe.”
Verse 16: Kepha uPetru waqinisa wangqongqotha; sebevulile babona ukuthi nguye, bamangala.
Verse 17: Wayesebaqhweba ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ukuthi iNkosi imkhiphe kanjani etilongweni, wathi: “Bikelani uJakobe nabazalwane lokhu.” Wayesephuma, waya kwenye indawo.
Verse 18: Sekusile, kwaba khona ukunyakaza okukhulu phakathi kwamabutho kokuthi uPetru wehlelwe yini.
Verse 19: UHerode esemfunile engamfumananga, wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona.
Verse 20: Kepha wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; kodwa beza kuye nganhliziyonye; sebemvumisile uBlastu induna yendlu yenkosi, bacela ukuthula, ngokuba izwe lakubo lalifunzwa ngelenkosi.
Verse 21: Ngosuku olumisiweyo uHerode wembatha ingubo yobukhosi, wahlala esihlalweni, wakhuluma kubantu.
Verse 22: Abantu bamemeza bathi: “Yizwi likaNkulunkulu, akusilo elomuntu.”
Verse 23: Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.
Verse 24: Kodwa izwi likaNkulunkulu lakhula, landa.
Verse 25: Kepha oBarnaba noSawulu babuya eJerusalema sebeqede ukukhonza kwabo, behamba benoJohane othiwa uMarku.