Acts - Chapter 24

Verse 1: Emva kwezinsuku eziyisihlanu umpristi omkhulu u-Ananiya wewuka kanye namalunga athile nommeli othile uTertulu; laba bammangalela uPawulu kumbusi.

Verse 2: Yena esebiziwe, uTertulu waqala ukumbeka icala, ethi: “Lokho ukuthi ngenxa yakho sitholile ukuthula okukhulu nangokubonelela kwakho lesi sizwe senzelwe okuhle okuningi

Verse 3: siyakwamukela ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke ngokubonga okukhulu, Feliksi odumileyo.

Verse 4: Kepha ukuba ngingakubambezeli, ngiyakuncenga ukuba ngobumnene bakho usizwe ngokufushane.

Verse 5: “Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha,

Verse 6: yalinga nokungcolisa ithempeli; sayibamba, sathanda ukuyahlulela ngomthetho wakithi.

Verse 7: Kepha kwafika uLisiya induna yenkulungwane, wamthatha ngendluzula enkulu ezandleni zethu,

Verse 8: eyala abambeka icala ukuba beze kuwe, ukuze umbuzisise wena uqobo, uzwe ngakho konke esimmangalela ngakho.”

Verse 9: NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.

Verse 10: Umbusi esemqhwebile ukuba akhulume, uPawulu waphendula wathi: “Lokhu ngiyazi ukuthi sekuyiminyaka eminingi ungumahluleli kulesi sizwe, ngiyaziphendulela ngesibindi;

Verse 11: futhi ungaqonda ukuthi akungaphezu kwezinsuku eziyishumi nambili ngikhuphukile ukuyokhuleka eJerusalema;

Verse 12: abangifumananga ngiphikisana namuntu, nakuba ngivusa isiphithiphithi esixukwini, nasethempelini, nasemasinagogeni, nasemzini,

Verse 13: futhi bangekuqinise kuwe lokhu abangibeka icala ngakho manje.

Verse 14: Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba, ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;

Verse 15: nginethemba kuNkulunkulu abalibheka nabo uqobo lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.

Verse 16: Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.

Verse 17: “Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo,

Verse 18: okuthe ngikulokho bangifumana ethempelini ngihlanjululiwe, kungekho isixuku nomsindo,

Verse 19: abaJuda abathile base-Asiya ababefanele ukuvela phambi kwakho, bangimangalele, uma benotho ngami.

Verse 20: Nokuba mabasho laba ukuthi bafumanani okungalungile mhla ngimi phambi komphakathi,

Verse 21: ngaphandle kwalelo zwi elilodwa engalimemeza ngimi phakathi kwabo lokuthi: ‘Ngokuvuka kwabafileyo mina ngimangalelwa yinina namuhla.’ ”

Verse 22: Kepha uFeliksi ekwazi ngokuchachileyo okwaleyo Ndlela wabahlehlisa ethi: “Lapho uLisiya induna yenkulungwane esewukile, ngizakuyinquma indaba yenu,”

Verse 23: wayala induna yekhulu ukuba agcinwe, kepha abe nenkululeko, kunganqatshelwa muntu wakubo ukumkhonza.

Verse 24: Kepha emva kwezinsuku ezithile wafika uFeliksi noDrusila umkakhe owayengumJudakazi, wabiza uPawulu, wamuzwa ngokukholwa nguKristu Jesu.

Verse 25: Esakhuluma ngokulunga, nangokuzithiba, nangokwahlulela okuzayo, uFeliksi washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; kepha nxa ngithola isikhathi, ngizakukubiza,”

Verse 26: wethemba futhi ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu; ngalokho wayehleze embiza, ekhuluma naye.

Verse 27: Kepha sekuphelile iminyaka emibili, uFeliksi walandelwa nguPorkiyu Festu; kodwa uFeliksi efuna ukubongwa ngabaJuda washiya uPawulu eboshiwe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories