Acts - Chapter 3

Verse 1: UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye.

Verse 2: Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini.

Verse 3: Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho.

Verse 4: Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!”

Verse 5: Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.

Verse 6: Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.”

Verse 7: Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala,

Verse 8: egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu.

Verse 9: Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu.

Verse 10: Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.

Verse 11: Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu.

Verse 12: Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na?

Verse 13: UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;

Verse 14: kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali,

Verse 15: nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina.

Verse 16: Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.

Verse 17: “Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu.

Verse 18: Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje.

Verse 19: Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,

Verse 20: ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo,

Verse 21: okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade.

Verse 22: UMose kambe wathi: ‘INkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami, niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini.

Verse 23: Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’

Verse 24: “Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku.

Verse 25: Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’

Verse 26: UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories