Verse 1: Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela,
Verse 2: benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo,
Verse 3: bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile.
Verse 4: Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.
Verse 5: Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo,
Verse 6: no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu,
Verse 7: babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?”
Verse 8: Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga,
Verse 9: nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani,
Verse 10: makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile.
Verse 11: Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.
Verse 12: “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”
Verse 13: Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;
Verse 14: kepha bebona umuntu ophilisiweyo emi nabo, babengenakuphika lutho.
Verse 15: Kodwa sebebayalile ukuba baphume emphakathini balulekana bodwa,
Verse 16: bathi: “Sizakubenzani laba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo, asinakukuphika.
Verse 17: Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu, asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.”
Verse 18: Base bebabiza, babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu.
Verse 19: Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu,
Verse 20: ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”
Verse 21: Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo;
Verse 22: ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane.
Verse 23: Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo.
Verse 24: Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,
Verse 25: owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi: “ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bacebe okuyize, na?
Verse 26: Amakhosi omhlaba aqhelile, nababusi bayihlanganyele iNkosi noGcotshiweyo wayo.’
Verse 27: “Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo
Verse 28: ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke.
Verse 29: Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi
Verse 30: ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”
Verse 31: Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.
Verse 32: Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke.
Verse 33: Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.
Verse 34: Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho,
Verse 35: bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.
Verse 36: Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa,
Verse 37: enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.