Verse 1: Kwathi uFestu engenile esikhundleni, wasuka eKesariya emva kwezinsuku ezintathu, wenyukela eJerusalema;
Verse 2: abapristi abakhulu nezikhulu zabaJuda base bemangalela uPawulu kuye, bamncenga,
Verse 3: bazicelela umusa ngaye wokuba ambizele eJerusalema, becebile ukumqamekela ukuba bambulale endleleni.
Verse 4: Kepha uFestu waphendula ngokuthi uPawulu ugcinwe eKesariya nokuthi naye usezakuya khona masinyane;
Verse 5: wathi: “Izikhulu phakathi kwenu azehle nami; uma kukhona utho olubi kuleyo ndoda, aziyimangalele.”
Verse 6: Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.
Verse 7: Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,
Verse 8: lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.”
Verse 9: Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?”
Verse 10: UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.
Verse 11: Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”
Verse 12: Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”
Verse 13: Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu.
Verse 14: Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe;
Verse 15: kwathi ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda babika ngaye becela ukuba ilahlwe;
Verse 16: ngabaphendula ngathi akusiwo umkhuba wamaRoma ukumnikela umuntu omangalelwayo engakamiswa phambi kwabammangalelayo, athole ithuba lokuziphendulela ngecala amangalelwe ngalo.
Verse 17: Ngakho sebebuthene lapha, angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe;
Verse 18: basukuma-ke abayimangalelayo, kepha abavezanga cala ngayo lalezo zinto ezimbi ebengizicabangile mina,
Verse 19: kodwa babe nokuphikisana okuthile naye ngenkolo yakubo nangomuntu othile, uJesu, owafayo, asho ngaye uPawulu ukuthi uyaphila.
Verse 20: Kuthe mina ngisakhohliwe ukuthi leyo ndaba ngizakuyihlola kanjani, ngathi angathanda yini ukuya eJerusalema ukuba ahlulelwe khona ngalezo zinto.
Verse 21: Kepha uPawulu eselidlulisile wacela ukuba agcinwe lize lithethwe yinkosi enkulu, ngayala ukuba agcinwe ngize ngimthumele kuKesari.”
Verse 22: U-Agripha wayesethi kuFestu: “Nami bengithanda ukumuzwa lowo muntu.” Wathi: “Uzakumuzwa ngomuso.”
Verse 23: Khona ngangomuso kwafika o-Agripha noBernike ngemvunulo enkulu, bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe.
Verse 24: UFestu wathi: “Nkosi, Agripha, nani nonke nina madoda enikhona lapha kanye nathi, niyambona lona oluze ngaye kimi lonke uquqaba lwabaJuda eJerusalema nalapha, lumemeza luthi akafanele ukuba abe esaphila.
Verse 25: Kepha mina ngabona ukuthi akenzanga lutho olufanele ukuba afe, kodwa ngenxa yokudlulisela kwakhe kuKesari ngazinqumela ukumthuma.
Verse 26: Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi; ngakho ngimlethile phambi kwenu, ikakhulu phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi sekuhloliwe, ngibe nakho engingakuloba.
Verse 27: Ngokuba mina ngokwami ngithi akuqondile, uma kuthunyelwa isiboshwa, kungakhonjwa amacala aso.”