Acts - Chapter 13

Verse 1: Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni lakhona abaprofethi nabafundisi: oBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.

Verse 2: Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”

Verse 3: Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.

Verse 4: Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi.

Verse 5: Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.

Verse 6: Sebedabule isiqhingi sonke, baze bafika ePhafu, bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu,

Verse 7: owayekhona kumbusi wezwe uSergiyu Pawulu, umuntu onengqondo enhle. Yena wabiza oBarnaba noSawulu, wafuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu.

Verse 8: Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.

Verse 9: Kepha uSawulu osethiwa uPawulu, egcwele uMoya oNgcwele wamgqolozela,

Verse 10: wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na?

Verse 11: Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla.

Verse 12: Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.

Verse 13: UPawulu nababe naye bamuka ePhafu ngomkhumbi, bafika ePherge lasePhamfiliya; kepha uJohane wahlukana nabo, wabuyela eJerusalema.

Verse 14: Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.

Verse 15: Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”

Verse 16: Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:

Verse 17: UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.

Verse 18: Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane.

Verse 19: Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa;

Verse 20: kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.

Verse 21: Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.

Verse 22: Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’

Verse 23: Enzalweni yakhe uNkulunkulu walethela u-Israyeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe;

Verse 24: engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka.

Verse 25: Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’

Verse 26: “Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.

Verse 27: Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;

Verse 28: nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe.

Verse 29: Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.

Verse 30: Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo.

Verse 31: Wabonwa izinsuku eziningi yibo ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje.

Verse 32: “Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kobaba

Verse 33: ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili ukuthi: “ ‘Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.’

Verse 34: “Maqondana nokumvusa kwakhe kwabafileyo ukuba engasayikubuyela ekuboleni wakhuluma kanje, wathi: “ ‘Ngizakuninika okungcwele nokuthembekileyo kukaDavide.’

Verse 35: “Ngakho nakwenye indawo uthi: “ ‘Awuyikunika oNgcwele wakho abone ukubola.’

Verse 36: “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.

Verse 37: Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola.

Verse 38: Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose

Verse 39: yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.

Verse 40: Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:

Verse 41: “ ‘Bhekani nina zideleli, nimangale, ninyamalale, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayikukholwa yiwo, nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”

Verse 42: Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo.

Verse 43: Khona sebehlakazekile abesinagoge, abaningi babaJuda namaproselite aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.

Verse 44: Ngesabatha elilandelayo kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu.

Verse 45: Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.

Verse 46: Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.

Verse 47: Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

Verse 48: Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

Verse 49: Izwi leNkosi lahanjiswa kulo izwe lonke.

Verse 50: Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.

Verse 51: Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu.

Verse 52: Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories