Verse 1: Khona wehlela eDerbe naseListra. Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe, indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,
Verse 2: owayefakazelwa kahle ngabazalwane baseListra nabase-Ikoniyu.
Verse 3: Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki.
Verse 4: Kwathi bedabula imizi, babanika izinqumo ezanqunywa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine.
Verse 5: Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.
Verse 6: Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;
Verse 7: sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga.
Verse 8: Badlula eMisiya, behlela eTrowa.
Verse 9: Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.”
Verse 10: Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.
Verse 11: Khona samuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotrake, ngangomuso safika eNeyapholi.
Verse 12: Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni. Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile.
Verse 13: Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.
Verse 14: Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu.
Verse 15: Kuthe esebhapathiziwe kanye nendlu yakhe, wasincenga wathi: “Uma nithi ngikholekile eNkosini, ngenani endlini yami, nihlale khona,” wasicindezela.
Verse 16: Kwathi siya endaweni yokukhuleka, kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.
Verse 17: Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.”
Verse 18: Yakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu esecasukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala egameni likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Wayesephuma ngaso leso sikhathi.
Verse 19: Kwathi abaniniyo sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo limukile, bababamba oPawulu noSila, babahudulela esigcawini phambi kwababusi,
Verse 20: babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda;
Verse 21: bafundisa imikhuba esingavunyelwe ukuba siyamukele, siyenze thina esingamaRoma.”
Verse 22: Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku;
Verse 23: sezibashayile imivimbo eminingi, zabaphonsa etilongweni, zayala umgciniziboshwa ukuba abagcine impela;
Verse 24: yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni.
Verse 25: Kepha phakathi kobusuku oPawulu noSila bekhuleka bamdumisa uNkulunkulu ngamahubo, iziboshwa zabezwa;
Verse 26: kwavela ngokuzuma ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, kwathukuluka nezibopho zabo bonke.
Verse 27: Kwathi umgciniziboshwa ephaphama, wabona iminyango yetilongo ivulekile; wayesehosha inkemba efuna ukuzibulala, ngokuba wathi iziboshwa ziphunyukile.
Verse 28: Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.”
Verse 29: Wayesebiza izibani, wagijimela phakathi ethuthumela, wawa phansi phambi kukaPawulu noSila,
Verse 30: wabakhiphela ngaphandle, wathi: “Makhosi, ngimelwe ukwenzani ukuba ngisindiswe na?”
Verse 31: Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”
Verse 32: Base bemshumayeza izwi likaNkulunkulu, yena nabo bonke ababesendlini yakhe.
Verse 33: Wabathatha ngaso leso sikhathi sasebusuku, wabageza imivimbo, wabhapathizwa khona lapho, yena nabo bonke abakhe,
Verse 34: wabenyusela endlini, wababekela ukudla, wathokoza kanye nendlu yakhe yonke ngokukholwa nguNkulunkulu.
Verse 35: Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: “Bakhulule labo bantu.”
Verse 36: Umgciniziboshwa wabikela uPawulu lawo mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula.”
Verse 37: Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”
Verse 38: Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi. Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma,
Verse 39: zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini.
Verse 40: Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka.