Verse 1: Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye.
Verse 2: Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona.
Verse 3: Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume laba ludaka lwabo.
Verse 4: Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”
Verse 5: UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.
Verse 6: UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza.
Verse 7: Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”
Verse 8: Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.
Verse 9: Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele, ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.
Verse 10: Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo.
Verse 11: Emva kokuzalwa kuka-Arpakishade uShemi wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 12: U-Arpakishade wahamba iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, wazala uShela.
Verse 13: Emva kokuzalwa kukaShela u-Arpakishade wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 14: UShela wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala u-Ebere.
Verse 15: Emva kokuzalwa kuka-Ebere uShela wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 16: U-Ebere wahamba iminyaka engamashumi amathathu nane, wazala uPhelege.
Verse 17: Emva kokuzalwa kukaPhelege u-Ebere wahamba iminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 18: UPhelege wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uRehu.
Verse 19: Emva kokuzalwa kukaRehu uPhelege wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 20: URehu wahamba iminyaka engamashumi amathathu nambili, wazala uSerugi.
Verse 21: Emva kokuzalwa kukaSerugi uRehu wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 22: USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori.
Verse 23: Emva kokuzalwa kukaNahori uSerugi wahamba iminyaka engamakhulu amabili, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 24: UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.
Verse 25: Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
Verse 26: UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.
Verse 27: Lezi ziyizizukulwane zikaThera. UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
Verse 28: UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi.
Verse 29: O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.
Verse 30: USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.
Verse 31: UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.
Verse 32: Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.