Verse 1: Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni.
Verse 2: Bheka, kwakhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni.
Verse 3: Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emfuleni emva kwazo, zibukeka kabi, zondile; zema kwezinye izithole ogwini lomfula.
Verse 4: Izithole ezibukeka kabi ezondileyo zadla izithole ezibukeka kahle ezikhulupheleyo. Wayesephaphama uFaro.
Verse 5: Walala ubuthongo, waphupha ngokwesibili; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.
Verse 6: Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
Verse 7: Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu ezibhoxileyo ezipheleleyo. Wayesephaphama uFaro; bheka, kwakuyiphupho.
Verse 8: Kwathi ekuseni umoya wakhe wakhathazeka; wathuma wabiza izanusi zonke zaseGibithe nezihlakaniphi zonke zalo; uFaro wazilandisa iphupho lakhe; kepha akubangakho ongachazela wona uFaro.
Verse 9: Yayisikhuluma induna yabaphathizitsha kuFaro, ithi: “Ngiyakhumbula namuhla amacala ami.
Verse 10: UFaro wathukuthelela izinceku zakhe, wangifaka ukuba ngilindwe endlini yenduna yemilindankosi, mina kanye nenduna yabaphekizinkwa.
Verse 11: Saphupha iphupho ngabona lobo busuku mina naye. Saphupha, kwaba yilowo nalowo ngokokuchazwa kwephupho lakhe.
Verse 12: Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe.
Verse 13: Kwathi njengalokho yasichazela, kwaba njalo; mina inkosi yangibuyisela esikhundleni sami, yena yamphanyeka.”
Verse 14: UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.
Verse 15: Wayesethi uFaro kuJosefa: “Ngiphuphe iphupho, kakho ongalichaza; sengizwe kuthiwa ngawe, lapho ulizwa iphupho, ungalichaza.”
Verse 16: UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Akukimi lokho; uNkulunkulu uzakumphendula kahle uFaro.”
Verse 17: UFaro wakhuluma kuJosefa, wathi: “Ephusheni lami, bheka, ngangimi ogwini lomfula;
Verse 18: bheka, kwase kukhuphuka emfuleni izithole eziyisikhombisa ezikhulupheleyo ezibukeka kahle; zadla emhlangeni.
Verse 19: Nazo ezinye izithole eziyisikhombisa zenyuka emva kwazo, zizacile, zibukeka kabi kakhulu, zondile, engingazange ngibone ezimbi njengalezo ezweni lonke laseGibithe.
Verse 20: Izithole ezondileyo ezimbi zadla eziyisikhombisa zokuqala ezikhulupheleyo.
Verse 21: Lapho sezingene eziswini zazo, akwabonakala ukuthi zingene eziswini zazo; zazisabukeka zizimbi njengakuqala. Ngase ngiphaphama.
Verse 22: “Futhi ngabona ephusheni lami, bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, ziphelele, zizinhle.
Verse 23: Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.
Verse 24: Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”
Verse 25: UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.
Verse 26: Izithole eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa; iphupho linye.
Verse 27: Izithole ezondileyo ezimbi ezakhuphuka emva kwazo ziyiminyaka eyisikhombisa kanye nezikhwebu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga; ziyiminyaka eyisikhombisa yendlala.
Verse 28: “Yikho lokhu engikushilo kuFaro: lokho uNkulunkulu asezakukwenza ukubonakalisile kuFaro.
Verse 29: Bheka, kuyeza iminyaka eyisikhombisa yenala enkulu ezweni lonke laseGibithe.
Verse 30: Emva kwayo iyakuvela iminyaka eyisikhombisa yendlala; iyakukhohlakala inala yonke ezweni laseGibithe; indlala iyakuliqeda izwe.
Verse 31: Inala ayiyukwaziwa ezweni ngenxa yendlala elandelayo, ngokuba iyakuba nzima kakhulu.
Verse 32: Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.
Verse 33: “Manje uFaro makakhethe umuntu oqaphelayo ohlakaniphileyo, ambeke phezu kwezwe laseGibithe.
Verse 34: Makenze njalo uFaro, abeke ababonisi phezu kwezwe, bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala.
Verse 35: Mababuthe konke ukudla kwale minyaka emihle ezayo, banqwabele phansi kwesandla sikaFaro amabele emizini, abe ngukudla, bawalonde.
Verse 36: Lokhu kudla kuyakubekelelwa izwe ngenxa yeminyaka eyisikhombisa yendlala eyakuba khona ezweni laseGibithe ukuba izwe lingabhubhi ngendlala.”
Verse 37: Leli zwi laba lihle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe zonke.
Verse 38: Wayesethi uFaro ezincekwini zakhe: “Singamthola yini umuntu onjalo, onoMoya kaNkulunkulu, na?”
Verse 39: Wathi uFaro kuJosefa: “Njengokuba uNkulunkulu ekwazise wena konke lokhu, akakho oqaphelayo ohlakaniphileyo njengawe.
Verse 40: Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”
Verse 41: Wathi uFaro kuJosefa: “Bheka, sengikubeke phezu kwezwe lonke laseGibithe.”
Verse 42: UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe, wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo, wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.
Verse 43: Wamkhwelisa enqoleni yesibili emva kwakhe; bamemeza phambi kwakhe, bathi: “Guqani!” Wambeka phezu kwezwe lonke laseGibithe.
Verse 44: UFaro wathi kuJosefa: “NginguFaro; ngaphandle kwakho akuyikuphakamisa muntu isandla sakhe nonyawo lwakhe ezweni lonke laseGibithe.”
Verse 45: UFaro waqamba igama likaJosefa ngokuthi uSafenati Phaneya; wamnika u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni abe ngumkakhe. UJosefa waphuma, wahamba izwe lonke laseGibithe.
Verse 46: UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe.
Verse 47: Ngeminyaka eyisikhombisa yenala umhlaba wathela kakhulu.
Verse 48: Waqoqa konke ukudla kwale minyaka eyisikhombisa eyayisezweni laseGibithe, wabekelela ukudla emizini; ukudla kwamasimu azungeza yilowo nalowo muzi wakubekelela kuwo.
Verse 49: UJosefa waqongelela amabele angangesihlabathi solwandle, okuningi kakhulu, waze wayeka ukubala, ngokuba kwakungenakubalwa.
Verse 50: UJosefa wazalelwa amadodana amabili, kungakafiki mnyaka wendlala, amzalela wona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
Verse 51: UJosefa waqamba igama lezibulo ngokuthi uManase, wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngikhohlwe konke ukuhlupheka kwami nendlu yonke kababa.”
Verse 52: Igama lowesibili waliqamba ngokuthi u-Efrayimi, wathi: “Ngokuba uNkulunkulu ungenze ngizale ezweni lokuhlupheka kwami.”
Verse 53: Iminyaka eyisikhombisa yenala eyayisezweni laseGibithe yaphela.
Verse 54: Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengalokho eshilo uJosefa; kwakuyindlala emazweni onke; kepha ezweni lonke laseGibithe ukudla kwakukhona.
Verse 55: Kwathi selilambile izwe lonke laseGibithe, abantu bakhala kuFaro ngokudla; uFaro wathi kubo bonke abaseGibithe: “Yanini kuJosefa; lokho anitshela khona, nikwenze.”
Verse 56: Indlala yayisebusweni bezwe lonke; uJosefa wavula zonke izinqolobane, wathengisela abaseGibithe; indlala yayinzima ezweni laseGibithe.
Verse 57: Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuyothenga amabele, ngokuba indlala yayinzima emhlabeni wonke.