Verse 1: U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.
Verse 2: UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono yasebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!” Wathi: “Ngilapha.”
Verse 3: Wayesethi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu.
Verse 4: Mina ngiyakwehla, ngiye nawe eGibithe; impela ngizakubuye ngikukhuphule futhi. UJosefa uyakubeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho.”
Verse 5: UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala.
Verse 6: Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye.
Verse 7: Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.
Verse 8: Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe.
Verse 9: Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.
Verse 10: Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani.
Verse 11: Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
Verse 12: Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule.
Verse 13: Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni.
Verse 14: Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli.
Verse 15: Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.
Verse 16: Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli.
Verse 17: Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli.
Verse 18: Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha.
Verse 19: Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini.
Verse 20: KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni.
Verse 21: Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida.
Verse 22: Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane.
Verse 23: Amadodana kaDani: nguHushimi.
Verse 24: Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.
Verse 25: Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.
Verse 26: Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha.
Verse 27: Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa.
Verse 28: Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni.
Verse 29: UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.
Verse 30: U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona.”
Verse 31: UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: “Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: ‘Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi.
Verse 32: Lawa madoda angabelusi bezimvu, ngokuba ayengamadoda emfuyo; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.’
Verse 33: Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: ‘Uyini umsebenzi wenu,’
Verse 34: anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”