Genesis - Chapter 34

Verse 1: UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe.

Verse 2: UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.

Verse 3: Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi.

Verse 4: UShekemi wakhuluma kuyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombazana, ibe ngumkami.”

Verse 5: UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodakazi yakhe uDina; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.

Verse 6: UHamori uyise kaShekemi waphumela kuJakobe ukuyokhuluma naye.

Verse 7: Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.

Verse 8: UHamori wakhuluma nabo, wathi: “Inhliziyo yendodana yami uShekemi iyabambelela endodakazini yenu; ake nimuphe yona, ibe ngumkakhe.

Verse 9: Ganiselanani nathi, nisiphe amadodakazi enu, nizithathele amadodakazi ethu.

Verse 10: Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.”

Verse 11: UShekemi wayesethi kuyise nakubanewabo: “Ake ngifumane umusa emehlweni enu; lokho eniyakukusho kimi, ngiyakuninika khona.

Verse 12: Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.”

Verse 13: Amadodana kaJakobe abaphendula oShekemi noHamori uyise ngobuqili, akhuluma, njengokuba ebemngcolisile uDina udadewabo,

Verse 14: athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina.

Verse 15: Kepha ngalokho singanivumela: uma nizakuba njengathi, kusokwe bonke abesilisa bakini,

Verse 16: siyakuninika amadodakazi ethu, sizithathele amadodakazi enu, sihlale nani, sibe yisizwe sinye.

Verse 17: Kepha uma ningasilaleli, nisokwe, siyakuthatha indodakazi yethu, sihambe.”

Verse 18: Amazwi abo aba mahle koHamori noShekemi indodana kaHamori.

Verse 19: Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.

Verse 20: OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi:

Verse 21: “Labo bantu bahlezi ngokuthula nathi; ngalokho mabahlale ezweni, balihambe, ngokuba bheka, izwe libanzi inxa zombili phambi kwabo; asizithathele amadodakazi abo abe ngomkethu, sibaphe amadodakazi ethu.

Verse 22: Kuphela ngalokho bayasivumela laba bantu ukuhlala nathi, sibe yisizwe sinye, ukuthi bonke abesilisa bakithi basokwe, njengalokho bona besokiwe.

Verse 23: Imihlambi yabo, nempahla yabo, nezinkomo zabo akuyikuba ngokwethu na? Masibavumele kuphela, bakhe kithi.”

Verse 24: Bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe balalela oHamori noShekemi indodana yakhe; bonke abesilisa basokwa, bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe.

Verse 25: Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu, amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa.

Verse 26: Babulala oHamori noShekemi indodana yakhe ngosiko lwenkemba, bakhipha uDina endlini kaShekemi, bahamba.

Verse 27: Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.

Verse 28: Athatha izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezimbongolo zabo, okwakusemzini nokwakusendle,

Verse 29: nemfuyo yonke yabo; athumba abantwana babo nawomkabo, abaphanga kanye nakho konke okusendlini.

Verse 30: UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”

Verse 31: Base bethi: “Ngabe bemenza udadewethu isifebe na?”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories