Verse 1: UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
Verse 2: UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe.
Verse 3: Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe.
Verse 4: UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.
Verse 5: Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini.
Verse 6: Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.
Verse 7: Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: “Lala nami.”
Verse 8: Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami;
Verse 9: ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”
Verse 10: Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.
Verse 11: Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu,
Verse 12: wambamba ngengubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle.
Verse 13: Kwathi esebone ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka,
Verse 14: wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;
Verse 15: wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.”
Verse 16: Wayesebeka le ngubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe.
Verse 17: Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: “Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;
Verse 18: kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle.”
Verse 19: Yathi inkosi yakhe isizwe amazwi omkayo ayewakhulume kuyo, ethi: “Yenze njalo kimi inceku yakho,” lwavutha ulaka lwayo.
Verse 20: Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni.
Verse 21: Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.
Verse 22: Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza.
Verse 23: Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.