Genesis - Chapter 19

Verse 1: Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso,

Verse 2: wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale ubusuku, nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa, nihambe indlela yenu.” Zathi: “Qha, siyakuhlala phandle.”

Verse 3: Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla.

Verse 4: Zingakalali, amadoda omuzi, amadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha namadala, abantu bonke bephelele.

Verse 5: Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”

Verse 6: ULoti waphumela kubo ngasemnyango, wavala umnyango emva kwakhe.

Verse 7: Wathi: “Bafowethu, ningoni.

Verse 8: Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndoda; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.”

Verse 9: Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

Verse 10: Khona amadoda azelula izandla, ambuyisela uLoti endlini, avala umnyango.

Verse 11: Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.

Verse 12: Ayesethi amadoda kuLoti: “Unobani futhi lapha na? Umkhwenyana, namadodana akho, namadodakazi akho, nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo,

Verse 13: ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”

Verse 14: Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.

Verse 15: Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”

Verse 16: Esalibala, amadoda abamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili, uJehova enomusa kuye; amphumisa, ambeka ngaphandle komuzi.

Verse 17: Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”

Verse 18: Kepha uLoti wathi kuwo: “Nkosi, makungabi njalo.

Verse 19: Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.

Verse 20: Bheka-ke, lowo muzi useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane; ake ngibalekele khona angithi mncane ukuba umphefumulo wami uphile.”

Verse 21: Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.

Verse 22: Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.

Verse 23: Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.

Verse 24: Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.

Verse 25: Wachitha leyo mizi nethafa lonke, nabo bonke abakhe emizini, nalokho okuhlumayo emhlabathini.

Verse 26: Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.

Verse 27: U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.

Verse 28: Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.

Verse 29: Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.

Verse 30: ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.

Verse 31: Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.

Verse 32: Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”

Verse 33: Ngalobo busuku ayesemphuzisa uyise iwayini; enkulu yangena yalala noyise, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

Verse 34: Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”

Verse 35: Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

Verse 36: Kanjalo amadodakazi kaLoti omabili akhuleliswa nguyise.

Verse 37: Enkulu yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla.

Verse 38: Encane yazala indodana nayo, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories