Verse 1: Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.
Verse 2: U-Esawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: u-Ada indodakazi ka-Eloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,
Verse 3: noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.
Verse 4: U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli;
Verse 5: u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.
Verse 6: U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.
Verse 7: Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.
Verse 8: U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.
Verse 9: Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.
Verse 10: Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka-Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu.
Verse 11: Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.
Verse 12: UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.
Verse 13: Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.
Verse 14: Lawa angamadodana ka-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.
Verse 15: Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi,
Verse 16: nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada.
Verse 17: Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka-Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera, nomnumzane uShama, nomnumzane uMiza; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.
Verse 18: Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu, nomnumzane uKora; yilabo abangabanumzane abavela ku-Oholibama indodakazi ka-Ana umka-Esawu.
Verse 19: Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.
Verse 20: Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana,
Verse 21: noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi.
Verse 22: Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.
Verse 23: Lawa angamadodana kaShobali: ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu.
Verse 24: Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise.
Verse 25: Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana.
Verse 26: Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.
Verse 27: Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani.
Verse 28: Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
Verse 29: Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana,
Verse 30: nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.
Verse 31: Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli.
Verse 32: UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.
Verse 33: Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 34: Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 35: Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.
Verse 36: Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 37: Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 38: Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Verse 39: Wafa uBali Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.
Verse 40: Lawa angamagama abanumzane abavela ku-Esawu ngemindeni yabo, nangezindawo zabo, nangamagama abo: ngumnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti,
Verse 41: nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,
Verse 42: nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,
Verse 43: nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.