Genesis - Chapter 12

Verse 1: UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.

Verse 2: Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.

Verse 3: Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”

Verse 4: Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.

Verse 5: U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.

Verse 6: U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.

Verse 7: UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.

Verse 8: Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.

Verse 9: Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.

Verse 10: Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.

Verse 11: Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.

Verse 12: Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: ‘Ngumkakhe lowo,’ bazakungibulala mina, bakulonde wena.

Verse 13: Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”

Verse 14: Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.

Verse 15: Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

Verse 16: U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.

Verse 17: Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.

Verse 18: UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?

Verse 19: Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ ngize ngimthathe abe ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.”

Verse 20: UFaro wayala amadoda ngaye; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories