Verse 1: U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.
Verse 2: Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”
Verse 3: U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:
Verse 4: “Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba nguyise wezizwe eziningi.
Verse 5: Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi.
Verse 6: Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe.
Verse 7: Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho.
Verse 8: Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”
Verse 9: Wayesethi uNkulunkulu ku-Abrahama: “Wena-ke usuyakusigcina isivumelwano sami kanye nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo.
Verse 10: Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini.
Verse 11: Niyakusoka inyama yejwabu lenu, kube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.
Verse 12: Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.
Verse 13: Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade.
Verse 14: Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”
Verse 15: UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho awusayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara.
Verse 16: Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.”
Verse 17: U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?”
Verse 18: Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”
Verse 19: UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.
Verse 20: Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.
Verse 21: Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.”
Verse 22: UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya u-Abrahama.
Verse 23: U-Abrahama wathatha u-Ishmayeli indodana yakhe, nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile.
Verse 24: U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.
Verse 25: U-Ishmayeli indodana yakhe wayeneminyaka eyishumi nantathu mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe.
Verse 26: U-Abrahama nendodana yakhe u-Ishmayeli basokwa ngalusuku lunye.
Verse 27: Onke amadoda emzini wakhe ayezelwe endlini nayethengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.